Uboshiwe owesifazane ogwaze wabulala isoka
Image: SIGCINIWE
UDIDEKILE umndeni wowesilisa waseNyamazane, KwaMaphumulo, okuthiwa ubulawe yintombi abekade ethandana nayo ngemuva kwengxabano ebishubulie phakathi kwabo ngoMgqibelo.
Isolezwe lithole ukuthi umufi, uMnuz Zakhele Xaba (33) ubulawe ngokugwazwa yintombi yakhe, uNksz Nomaswazi Khumalo (27).
Udadewabo kamufi, uNksz Zama Xaba, uthe intombi ibikujwayele ukufika izovakashela umfowabo njengoba bebethandana.
Uthe ngelanga lesigameko uzwe kunengxabano kodwa akazange azixake ngokuyolamula ngoba ebazi ukuthi bazoyilungisa into abayibangayo.
Uveze ukuthi ingxabano yalaba ababili idonse isikhathi eside bejikijelana ngamazwi. Uthe noma abebuye engezwa ukuthi kubangwani, kodwa uzwile intombi isola umufi ngokuthanda amantombazane kuze kweqe.
''Intombi ngiyizwile ithetha ithi seyikhathele umfowethu eyibhangqa nenqwaba yamantombazane. Ngaleso sikhathi ibikhulumela phezulu nje impela kuzwakala ukuthi icasukile futhi kakhulu,'' echaza.
Eqhuba uthe uzwe umfowabo ememeza ekhala ngokuthi useyafa.
''Ngizwe umfowethu ekhala ethi uyafa. Kulapho engisukume khona ngayongena endlini. Kuthe uma ngingena ngaphakathi ngafica intombazane iphethe ummese onegazi,'' usho kanjena.
Uthe intombi kuthe uma imbona yangazixaka ngokubeleka yamane yamgqolozela yase ikhipha amazwi okuthi beyimthanda umufi kodwa yena udlale ngayo, akusenani akubizwe amaphoyisa.
Eqhubeka elandisa uthe kuthe uma ethinta umfowabo wabe esethule.
"Ikhanda lami livele lazula ngaphelelwa ngamagama ngakhala kwafika omakhelwane. Amaphoyisa afikile amthatha,'' usho kanjena ezwakala ekhala.
Eqhuba uthe laba ababili bebethandana kakhulu futhi sekuphele neminyaka eminingi bethandana. "Sonke sishaqekile kakhulu ngalokhu okwenzekile. Siyazibuza ukuthi kungani kugcine kuphetha kanjena."
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ngalolu daba.
Related Topics: