Izindaba

Izitshudeni zamaZayoni asoNgoye zizethula kabusha ngecwecwe lesine

Simangaliso Ntshangase|Published

IKHWAYA yezitshudeni zasoNgoye i-ATEZS UNIZULU ikhiphe i-albhamu yayo yesine esihloko sithi Ngizocasha Edwaleni

Image: SITHUNYELWE

UKWESEKWA nokuthandwa kakhulu kwengoma yeqembu lomculo wamaZayoni elibunjwe yiziitshudeni zase-University of Zululand i-Association For Tertiary Zion Students (ATZES) Unizulu kulikhuthaze ukuqhubeka lapho elaligcine khona ukukhipha umculo wamaZayoni.

Lokho kushiwo omunye wabaholi baleli qembu uSithabiso Mazibuko, exoxa neSolezwe Ngempelasonto nge-albhamu yabo entsha yesine esihloko sithi Ngizocasha Edwaleni, eqale ukutholakala ezitolo zomculo kwi-internet ngoLwesibili odlule. 

UMazibuko uthe kuze kufika kulesi sigaba nje bekungelula neze njengoba umgqigqo wabo wathikamezeka ngenkathi kubhoka iCovid-19 ezweni ngo-2020, okwenza ukuthi bagcine ukuqopha nokukhipha umculo wabo ngo-2018 kungahlanganeki ukuze basebenze ngendlela abajwayele ngayo ngenxa yemithetho eyayiqinile ezweni ngaleso sikhathi.

"Yingakho kuthe sesibona ukuthi idumela lethu ebantwini libuya ngamandla ngabo-2022, saqala lapho ukusebenzela ukuthi sikhiphe umsebenzi omkhulu kangaka, nesiqale ukuwupheka nyakenye njengoba size siwukhipha manje ebantwini," usho kanje.

OSITHABISO Mazibuko, uMfanafuthi Dlamini, uSiphephelo Buthelezi, uZama Xulu noTalent Dube bekwaya yezitshudeni zasoNgoye i-ATEZS UNIZULU

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba uMazibuko, okhonza ebandleni iZion Apostolic Church yasoLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe konke lokhu akubanga lula neze njengoba ngokuhlela kwabo kwasekuqaleni babefisa ukuthi le albhamu iphume ngoJuni nonyaka, kepha kwangenzeka.

"Kuningi obekuphazamisa ukusebenza kwethu, sibala izindleko zemali enkulu yokuthwala wonke lo msebenzi, nokuthi uma nisebenza niyiqembu labantu abaningi kubuye kube khona izinto nezimo ezizamazamisa ukusebenza kwenu, okudinga ukuthi nibeke eqhulwini inhloso yokuhlangana kwenu ukuze ningawiswa yizinto ebezingagwemeka," kulanda uMazibuko.

"Ngiyakhumbula nokuthi kwathi sesihlele konke ngokuyela e-studio kwashonelwa uzakwethu owayeneqhaza elimqoka kakhulu ekhwayeni, nokwaphoqa ukuthi sithole omunye ngokushesha ukuvala leso sikhala sakhe. Konke lokho bekuthiya ukusebenza kwethu, kodwa ngoba besinenhloso eyodwa saqhubeka njengoba sekukuhle kanjena," usho kanje.

INgizocasha Edwaleni ididiyele izingoma eziwu-12, kanti iqoshwe enkampanini Indoni Productions, eseRandburg, eGoli. 

Ingeyesine kuma-albhamu e-ATEZS UNIZULU; njengoba yelama amathathu okuqala athi Uyisihlobo Esihle yango-2016, Akekh' Ofana Naye yango-2018 nabazibula ngayo ngo-2012 esihloko sithi Masingahlulelani.

Kulena yamanje kucula phambili yena uMazibuko - okunguye futhi obhale zonke izingoma, alekelelwe wuZama Xulu, Thalente Dube, Melokuhle Buthelezi namalungu ekhwaya angu-42.