Izindaba

Bazojeza ababandakanyeka enkohlakalweni yokunyamalala kwezigidi zemali kamasipala

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA kaMasipala waKwaDukuza, uMnuz Siduduzo Gumede, ifunga iyagomela ngokuqeda inkohlakalo kulo masipala

Image: SITHUNYELWE

BAZOJEZA kanzima ababandakanyeka enkohlakalweni yokulahleka kwezigidi zamarandi kumasipala waKwaDukuza kanye nabanye abangamazambane abolile kulo masipala.

Lokhu kudalulwe yiMeya yakulo masipala, uMnuz Siduduzo Gumede, izolo ikhuluma eBallito ngesikhathi kuhlangana izinsuku eziyikhulu ingenile ehhovisi.

UGumede uveze ukuthi kunecala elivuliwe elimayelana nesigameko semali engu-R35.7 million okwavela ukuthi inyamalele kwi-akhawunti kamasipala yakwa-Absa.

Le ndaba kuzokhumbuleka ukuthi kwakhulunywa kakhulu ngayo njengoba kwahlaluka ukuthi yanyamalala ngendlela engaqondakali. Ngokombiko waleli bhange elawuthumelela umasipala, imali yakhishwa amahlandla amabili ngoJanuwari 31 nonyaka.

Kwavela ukuthi eminye imizamo yokuqhubeka nokukhipha enye imali kamasipala yagcina iphunza ngemuva kokuba uphiko lokukhwabanisa lwangaphakathi ebhange lwabuza kumasipala ukuthi unalo yini ulwazi ngale mali ekhishwayo.

UGumede uthe : "Luyaqhubeka uphenyo mayelana nalesi sigameko. Sifuna ukuthi abathintekayo bajeze ngendlela efanele. Kuyimanje amaphoyisa ayaluphenya udaba. Kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi kuzogcina kuvelile okwenzeka," echaza.

Kuzokhumbuleka ukuthi kule mali kukhona ingxenye eyagcina ibuyiselwe emuva kodwa ikhona enye namanje engakabuyeli. 

Ukhale ngokuthi inkohlakalo ikhinyabeza ukusebenza kukamasipala futhi kubambezela nentuthuko okumele iye kubantu.

''Kuye kuthiwe sithule akukho esikwenzayo mayelana nenkohlakalo lutho akunjalo. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi nakanjani bayajeza labo bantu ababandakanyeka kwinkohlakalo,'' usho kanjena.

Ngaphandle kwaleli cala elaba yindaba egudwini uveze ukuthi kukhona namanye amacala aphathalene nenkohlakalo nawo aphenywayo.

"Sifuna ukuthi abantu bazi ukuthi ayikho indawo yenkohlakalo kulo masipala. Sithumela umyalezo ocacile wokuthi kulo masipala siyabophana, asidlali. Lokhu kuzosiza ukuze abantu bazi ukuthi lena akusiyona indawo yokudlala,''usho kanjena.

Uveze nokuthi kunamanye amathenda aphenywayo ukuthi labo abawathola bawathola kanjani. Ubalule nethenda lokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo iKwaDukuza Mall.

"Nalolu daba luyaphenywa, siyethemba ukuthi konke kuzovela ekugcineni," echaza.

Ugcizelele ukuthi bafuna ukuthi uMasipala waKwaDukuza waziwe njengobeka eqhulwini intuthuko hhayi okunye okuseceleni.

Unxuse ukuthi kube nokubekezelelana njengoba bematasa nawo wonke lawa macala ukuze konke kuzohamba kahle futhi kungabi bikho ukuphazamiseka kophenyo.

''Asingayibambi isavele ngekhanda, kumele sizifundise ukulinda ukuze kuzovela obala kahle konke,''echaza.

Mayelana nodaba lokungabi bikho kwePhini leMeya kulo masipala uthe kuyezwela khona ukuthi namanje alikaqokwa. Noma kunjalo kodwa uthe lolu wudaba lwalabo abangaphezulu kwakhe ngokwamandla.

Ugonyuluke nangengwadla kagesi wathi bahlanganisa amakhanda ukuze kutholakale isixazululo. UMasipala waKwaDukuza ungaphansi kwesiFunda iLembe esibunjwe yiNdwedwe, yiMandeni kanye nowaKwaMaphumulo.