Izindaba

Akafuni ngilale nginqunu uthi ngizoxosha izidalwa

Distance Gumede|Published

Akafuni ngilale nginqunu

Image: Freepik

Umbuzo

MAGUMEDE ngisanda kuthandana nobhuti ngicabanga ukuthi sinenyanga eyodwa sijola ngisamvakashele kabili, ngiyamthanda kodwa manje ngibona sengathi mina naye asizoya kude ngoba unemithetho eminingi engasile.

Akafuni ngilale nginqunu uthi ngizoxosha izidalwa zakubo ngoba zizofika zifice umuntu ongagqokile endlini yakhe, futhi njalo masiqeda ukwenza ucansi uthi asigeze.Sengikhathele mina ngeke ngiyimele lento.

Ngibona sengathi lomuntu sizoxabana naye ngoba imithetho yakhe inesicefe, angazi noma nginehaba yini ngicela ningibonise.

Impendulo

MANJE lezidalwa zakubo azinankinga nokuthi kade enza ucansi kodwa zinenkinga nomuntu ongagqokile? Waze wavelelwa bo njalo emva komzuliswano kuzomele usukume uyogeza uphinde ugqoke futhi. Laze lalikhulu itoho obhekene nalo ntombi likhathaza kwamina ngingahlangene.

Ngeke ngisho ukuthi yikuphi okumele ukwenze uzozibonela wena ukuthi umisa kanjani kule nto obhekene nayo. Loyo muntu wakho akakucabangeli ngoba phela abanye abantu abakwazi ukulala begqokile. Uzozwa wena uma usukhathele ngempela yilemithetho yakhe bese uyazikhulula ntombi.