Nonkululeko Shibula
Image: sithunyelwe
UNKSZ Nonkululeko Shibula (34) waKwaNgoni, KwaMaphumulo, ungusonhlalakahle onikele ngempilo yakhe ekusizeni ngokomphefumulo abazali abanganywe wusizi lokushonelwa abantwana ngaphambi kokuba bazalwe.
Le ntokazi ingene kulo msebenzi esiwuthatha njengobizo ngemuva kokuphuphunyelwa yisisu ngenkathi yenza izifundo zeVisual Arts eDurban University of Technology (DUT) ngo-2010.
UNksz Shibula uthe into eyamehlela yamshiya ehlukumeze kakhulu emphefumulweni.
"Kwakubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa wumntwana engakazalwa ngisho ukuzalwa, ngase ngibona ukuthi ngidinga usizo, ukwesekwa, nokuthi ngazi ukuthi angingedwa. Kusukela lapho ngazimisela ukusiza abanye abazali abahlangabezana nalesi simo,” kusho uNksz Shibula.
Uthe usebenze isikhathi eside endaweni yokweseka abesifazane abakhulelwe ebizwa nge-Doula Pregnancy Support, okuyilapho aqala khona ukufaka isandla ekunikezeni ukwelulekwa ngokomqondo, ukukhipha izipho ezincane zokududuza, nezinsiza ebantwini abalahlekelwe yizingane zabo ngesikhathi sokukhulelwa noma bebelethe ngaphambi kwesikhathi.
Nonkululeko Shibula
Image: SITHYNYELWE
Ngonyaka odlule, uNksz Shibula ubekwabamele iNingizimu Afrika engqungqutheleni iCouncil of International Neonatal Nurses (COINN) ebiseZambia, njengelungu lebhodi le-International Stillbirth Alliance (ISA).
Kule ngqungquthela wethule inkulumo enika ugqozi lokuthi i-Afrika akufanele ihlushwe yizinto ezinjengokulahlekelwa yizingane nokwesekwa kwemindeni ngemuva kokulahlekelwa yingane.
"Ngifunde ukuthi i-Afrika isendaweni yesibili emhlabeni ngemuva kweNdiya uma kukhulunywa ngokulahlekelwa yizingane ezingakazalwa noma ezizalwa ngaphambi kwesikhathi. Lokhu kwangishaya enhliziyweni, ngathatha isinqumo sokwenza konke okusemandleni ami ukusiza,” kuchaza yena.
Ngaphezu kwalokho, uNksz Shibula uzamile ukwethula izinguquko ezinhlelweni zezibhedlela, ikakhulu umthetho othi abesifazane abaya kobeletha bavunyelwe ukuba nabantu abaseduze nabo ababathembayo.
Lesi siphakamiso samukelwe okokuqala yiSt Mary’s Hospital eKwaZulu-Natal, lapho ebambisene kahle kakhulu nabasebenzi bakhona abemesekayo.
“Ukubambisana neSt Mary’s kungisize kakhulu. Abasebenzi bakhona basamukela ngezandla ezifudumele isicelo sami sokubasiza. Ngiyabonga kakhulu ngokuthi bayakwazi ukulalela izidingo zabazali.”
Ngaphezu kwemisebenzi yakhe emihle, uNksz Shibula uthe usebhekene nenkinga enkulu yokuntuleka kwezinsiza futhi usesemkhankasweni wokufuna uxhaso ukuze aqhubeke nokuphakamisa izwi labaphuphunyelwe yizisu umhlaba wonke. Iningi labantu abasebenzisana naye basebenza ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi nzuzo, uMzanyana ezinze eChatsworth, futhi unesifiso sokuthi lokhu kwandiswe emiphakathini eminingi.
Nonkululeko Shibula
Image: sithunyelwe
Omunye umqansa abhekene nawo wukuthi ezibhedlela eziningi nezikhungo zezempilo azikabazisi abasebenzi ngokuphelele ngohlelo lwakhe, okwenza ukuthi uma kuvele usizi lokulahlekelwa ingane, ingathunyelwa imininingwane eqondile kuye noma enhlanganweni yakhe.
Ugcizelele ukuthi kufanele kube nokuhlukaniswa kwabantu abadinga ukwelulakwa ngokomqondo ezibhedlela. Uthe lokhu kungasiza ukuthi banakekelwe ngokuyikho futhi nangendlela ehloniphekile.
Uphinde wagcizelela ukuthi yize ezinye izinkolo noma amasiko zikholelwa ukuthi ukuzila noma ukukhumbula ingane engazalwanga kungaholela ekulahlekelweni futhi, wathi lokhu akulona iqiniso.
"Lokho kudala ukwesaba okungekho okungenasidingo. Ukuzila kuyingxenye yokuphila. Akufanele sizisole noma sizifihle uma sivelelwe yizinkinga."
Uqhube ngokuthi ubhala incwadi futhi uzokuba neqophamlando mayelana nomsebenzi wakhe ukuze izizukulwane ezizayo zifunde.
“Ngifisa ukuthola uxhaso oluthe xaxa ukuze ngikwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Kubi ukubona abantu beswele usizo ngoba singekho lapho ngesikhathi esifanele.”