Iphoyisa lomgwaqo esifundazweni iMpumalanga elafuna intshontsho lika-R50 kumshayeli wemoto linikezwe isigwebo seminyaka emihlanu yiNkantolo yeMantshi yase-Ermelo ngoLwesibili.Isigwebo silengisiwe.Okhulumela oKlebe, uLieutenant Colonel Magonseni Nkosi, uthe ukuboshwa kukaThembisile Yende kulandela ukwanda kokukhathazeka kwabashayeli base-Ermelo abakhala ngokuhlushwa amaphoyisa abafuna “okuncane” uma besephutheni.“UYende waboshwa ngo-2022 e-Ermelo ngemuva kokuthi ithimba labaphenyi boKlebe eMiddelburg lisukume ngemuva kokuthi abashayeli bezwakalise ukukhathazeka ngamaphoyisa omgwaqo afuna ukugwazelwa ngenxa yokuphulwa kwemithetho womgwaqo,” kusho uNkosi.UYende wabanjwa amaphoyisa ayezifihlile efuna ngodli ijazi lephoyisa ukukhokhelwa u-R50. Waxhakithiswa khona lapho njengoba egcine eselahlwa ngecala wagwetshwa.Isigewebo silengisiwe phezu kombandela wokuthi akatholakali ecaleni elifanbayo eminyakeni emihlanu.