Izindaba

Kuxwayiswa izikole ezibamba imiphumela yabangakhokhile

Mhlengi Shangase|Published

Khumbudzo Ntshavheni

Image: GCIS

IKHABHINETHI yakuleli isixwayise izikole ezibamba amariphoti abafundi ngoba bengayikhokhile imali yesikole ukuthi azipheze ukwenza lokhu.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uxwayise othishanhloko abaqhubeka nalo mkhuba ukuthi akumele babambe imiphumela.

"Izikole zikahulumeni akumele zibambe imiphumela yabafundi ngoba bengenayo imali yokukhokha. Uma ungenayo imali yokukhokha ufaka isicelo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, ukuze usizakale," kusho uNksz Ntshavheni izolo, ekhuluma esithangamini sabezindaba ePitoli ngemuva komhlangano weKhabhinethi.

Uthe lo bekuwumhlangano wokugcina wonyaka weKhabhinethi.

Usho lokhu nje, njengoba zivalwa izikole kuleli sonto, ezinye zigodla imiphumela yabafundi ngoba bekweleta imali yesikole noma belahle izincwadi zesikole.

UNksz Ntshavheni uveze nokuthi ngeke bayincenge iMelika njengoba ihlela ukungamemi elakuleli emhlanganweni weG20, wangonyaka ozayo.

Uthe elakuleli linelungelo lokuthamela umhlangano weG20, njengoba liyingxenye yamazwe akwi-G20.

"Kungani kumele sincenge iMelika ukuthi sibe yingxenye yomhlangano weG20 ngoba siyingxenye yamazwe akwi-G20? Siyizwe elizimele njengeMelika. Ingathatha ezayo izinqumo nathi sizothatha izinqumo ezihambelana nezwe lethu. Siyazi ukuthi ingelinye lamazwe esihweba nawo," usho kanje.

Uthe iyathembisa eyokunyuka komnotho wakuleli njengoba kukhule nesibalo sabantu abasebenzayo.

Uveze nokuthi elakuleli lisembhidlangweni wokuqinisa uhlelo lokuvikela izingede ezihlaba umkhosi ngenkohlakalo kanjalo nangobugebengu obenzeka kuleli.

Usho lokhu emva kokusocongwa komunye wofakaza kwiKhomishini kaMadlanga, uMnuz Marius van der Merwe. Umufi owayaziwa njengofakazi D kule khomishini, udutshulwe engena kwakhe ngeledlule eGoli.

Kuthiwa wanqaba ukufakwa ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi kuleli.

"Uma umuntu enqaba ukungena ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kungani kugxekwa lolu hlelo? Uyaqhubeka umsebenzi wokuqinisa lolu hlelo ngoba nalo lunazo izinselelo."

Uthe ukubulawa kukamufi akungasheshi kuhlanganiswe nokufakaza kwakhe kwikhomishini.

Uchithe nokuthi elakuleli lilawulwa amamafiya. 

Ugqugquzele izisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ukuthi zibike esikhungweni esisebenza amahora angu-24 enombolweni ethi: 0800 428 428.

Uthe baqinisa izinhlelo zokulwa nalesi sihlava esidla lubi ezweni njengoba kunomkhankaso wezinsuku ezingu-16, zokulwa nale nkinga. Kuhlale kunekhwelo lokuthi lo mkhankaso ungagxili kuphela ezinsukwini ezingu-16 kodwa wenziwe unyaka wonke ngoba lesi sihlava senzeka nsuku zonke.

Uthe bayakhuluma nohulumeni waseRussia ukuze kudedelwe abantu bakuleli ababhajwe kuleliya lizwe abaluthwa ukuyolwa impi yase-Ukraine.