Izindaba

Kuvele nelomfundi ka-matric kwelokubulawa kwephoyisa

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uSergeant Mondli Gabisa

Image: SITHUNYELWE

KUKHONA nomfundi ka-matric kwabane abasolwa ngokugwaza babulale iphoyisa ebelisebenza esiteshini saseCato Manor, eThekwini.

Lokhu kuvele ngesikhathi abasolwa bevela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kulandela ukuboshwa.

USergeant Mondli Gabisa (39) ugwazwe wafa, isidumbu sakhe satholwa amaphoyisa ngaphandle kwamaflethi akule ndawo.

Kubasolwa abavele enkantolo babili besilisa bese kuba ababili besifazane. Ngokulandelana kwabo kusuka kowokuqala, uMnuz Thalenta Griffiths Cele (42), Mnuz Philani Maphila Mhlongo (29), Nksz Minenhle Amahle Cele (20) noNksz Nadia Shezi (25). 

Ngokwamaphepha asenkantolo mabili amacala ababhekene nawo. Elokuqala, elokubulala uGabisa, okuvele ukuthi libhekene nomsolwa wokuqala kuya kowesithathu. Bese kuba elokushaya unkosikazi kamufi, uNkk Simphiwe Gabisa, okuvele ukuthi libhekene nomsolwa wesithathu nowesine. 

Ngesikhathi bevela enkantolo, uMshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Govender uveze ukuthi umsolwa wesithathu, okunguye omncane kunabo bonke, uboshwe ebhala izivivinyo zika-matric.

“Kodwa lukhona uhlelo lokuthi akwazi ukubhala ngaphakathi ejele laseWestville,” kusho uGovender.

Emphendulela ummeli wakhe wakwaLegal Aid, uNksz Nonkululeko Ndlovu uthe akunjalo.

“Abafundi abakwazi ukuhlomula kulolo hlelo yilabo ababoshwa ngaphambi kokuthi kuqale ukubhalwa kwezivivinyo. Ababoshwa sekuqalile ababe besakwazi ukungena ngaphansi kwalolo hlelo,” kucacisa uNksz Ndlovu.

Bekunesikhalo sokuthi njengoba eboshiwe u-Amahle, uyasala ezivivinyweni. 

UGovender uveze ukuthi icala lizoyiswa ehhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ukuze licubungule ukuthi likufanele yini ukuyoqulwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

Wengeze ngelithi uma kwenzeka abasolwa befaka isicelo sebheyili, uMbuso uzosiphikisa.

Imantshi ilihlehlisile icala ukuze kuqinisekiswe imininingwane yabasolwa uma kwenzeka befaka isicelo sebheyili.

Isolezwe lithole ngomthombo wendawo ukuthi umufi owahamba wayohlasela abasolwa emaflethini akule ndawo, esuka endaweni yokucima ukoma.

“Yiphoyisa elenza okungafanele. Lasuka lapho elalikhona, layohlasela abantu belele. Lazidalela inkinga,” kusho umthombo.

Uthe umufi wafika emaflethini sekwedlule u-11  ebusuku, wavusa abantu belele, ebaxakazisa.

“Wayephethe isibhamu, wasiqhumisa kaningi, kwase kuqala isixakaxaka,” kusho umthombo.

Isolezwe libuye lathola ngomunye umthombo ukuthi lokhu kwenzeka emva kokuthi othile obesondelene nomufi ekhombe umsolwa wokuqala wathi “nangu lo mfana owangidlwengula”.

Umthombo uthe akubanga khona kuxakazisana ngaleso sikhathi lowesifazane ekhomba umsolwa wokuqala, nokho umsindo wasuka emva kokuthi umufi ekhethe ukuyohlasela kubo kalona wesilisa. 

“Leso sigameko sokudlwengula kuthiwa senzeka eminyakeni eminingi edlule,” kulandisa umthombo.

Uthe akazi ukuthi licala lokudlwengula elalivuliwe laphelelaphi.

Echaza umsolwa wokuqala uthe ungowesilisa ozithulelayo, futhi okahle.

“Sisathukile ukuthi nguye owenze into enje. Kwenzeka lesi sigameko nje, ubeqeda kugqoka izivatho zesonto,” kusho umthombo.