Kubhekwe ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo ngokujeziswa kwabaputshuze amaphepha kamatric
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers
Sekuqalwe uphenyo ngokuputshuka kwamaphepha akwa-matric, afaka iphepha lesiNgisi, iMaths kanjalo nelePhysical Science. Kumiswe abasebenzi bomnyango weMfundo eyisiSekelo, okusolwa ukuthi banesandla ekuputshukeni kwalawa maphepha.
Omunye wabasebenzi abamisiwe kukholakala ukuthi ingane yakhe ibiyenza u-matric. Udaba seluphenywa amaphoyisa njengoba kuvulwe necala.
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ukuqinisekisile ukutholakala kokwephulwa kobuqotho okwenzeka ngesikhathi sokumakwa kwamaphepha esivivinyo sokugcina sikamatikuletsheni.
Ukwephulwa komthetho kuhlonzwe ngezinqubo zokulawulwa kwekhwalithi zangaphakathi zomnyango nokuqapha.
Okhulumela uMnyango uTerrence Khala ukuqinisekisile ukuthi uNgqongqoshe uSiviwe Gwarube uzokuba nesithangami nabezindaba mayelana nalesi sigameko kanye nezinyathelo okumele zisetshenziswe ukuvikela ubuqotho bezivivinyo zango-2025.
“UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uzokhuluma nabezindaba esithangamini esiphuthumayo kulandela ukuhlonzwa kwecala eliphulwe ezivivinyweni ngesikhathi sokumakwa kwezivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC) zika-2025.”
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, uthe kuzolandelwa yonke imigudu ebekiwe emthethweni kulolu daba.
Abaputshuze iphepha kuthiwa basebenzise i-usb.