Kuxwayiswa izitshudeni ngamaqola
Image: Leon Lestrade/Independent Newspapers
ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), sixwayise ngabaqola abasuke befuna usizo babafune imali ukuthi akumele bakhiphe ngisho isenti.
Abalesi sikhwama bathe yonke into ethinta uxhaso imahhala ayikhokhelwa, ngakho akumele kubekhona ozokhokhelwa noma kungathiwa uqashwe yilesi sikhwama.
I-NSFAS ithe ilwa nenkohlakalo ukuze kuboshwe abenzi benkohlakalo.
Isitatimende esikhishwe nguMnuz Anele Ntswayi, wezokuxhumana kulesi sikhwama, sixwayise abafaka izicelo ukuthi akumele bakhokhe ukuze bathole usizo.
"Asikho isisebenzi okumele sikhokhelwe ukuze sisize abafaka izicelo. Kanjalo akukho mali okumele ikhokhelwe labo abathi bazosiza ekutheni bakubhekele ukuthi kuhamba kanjani ngesicelo osifakile," usho kanje.
Uthe abafake izicelo akumele banike omunye ulwazi lwabo okubalwa namalungu e-SRC.
"Noma kungathiwa umuntu ukwi-SRC, akumele umnike ulwazi lwakho ngoba ethi uzokusiza. Unganiki ngisho uzakwenu ofunda naye, kungaba nabafundisayo."
Uxwayise abafundi ukuthi bangayi kuma-website azenza iNSFAS azodinga ukuthi bafake ulwazi lwabo.
"Uma kukhona okusolisayo, bika emaphoyiseni noma ulethe ulwazi ophikweni olulwa nenkohlakalo usebenzise i-email ethi:[email protected]. Ulwazi lwakho lugcine luyimfihlo ngaso sonke isikhathi ukuze silwe nenkohlakalo."
Kwenzeka lokhu nje inqwaba yabafundi ilinde izimpendulo ngezithinta uxhaso lwangonyaka ozayo.
Muva nje ibamba lesikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Waseem Carrim, saveza ePhalamende ukuthi bahlela ukumemezela abathole uxhaso kusuka ngoDisemba 15, 2025. Wabalula ukuthi basebenzisana nophiko oluphenya inkohlakalo i-Special Investigating Unit (SIU), ezintweni ezithinta inkohlakalo.
Wathi kunemali esiqalile ukubuyiselwa kulesi sikhwama emva kophenyo lwalolu phiko.
Okunye akusho ngukuthi bamatasa bafuna kubuyiswe imali ekweletwa abathola uxhaso, asebesebenza abagoloza ukukhokha.
Related Topics: