Izindaba

Bazothi ncinci kamjoli abafuna kusulwe umlando wokulahlwa amacala

Mhlengi Shangase|Published

Izinguquko kweyomlando wamacala

Image: Pexels

KUZOPHELA ukulinda iminyaka engu-10 ngaphambi kokuba kusulwe umlando wokulahlwa amacala (criminal record), njengoba kunezinhlelo zokubuyekeza umthetho kuleli.

Lokhu kuvezwe yibamba likaMqondisi jikelele eMnyangweni wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNksz Kalayvani Pillay, oveze ukuthi basemkhankasweni wokubuyekeza umthetho ukuze kwehliswe iminyaka abantu abayilindayo ukuze baphume kulolu luhlu.

Uthe lokhu kwehliswa kweminyaka kuzokwenzeka kulabo abalahlwa amacala angatheni, angenayo indlakadla.

Uveze ukuthi ziningi izicelo abazitholayo zabantu abasuke befuna kucishwe lo mlando wokuba sohlwini lwabalahlwa amacala.

"Kunomnyakazo wokuthi kubuyekezwe indaba yale minyaka umuntu okumele ayilinde ukuze kusulwe umlando wokuthi wake walahlwa amacala. Kulabo abake balahlwa amacala angatheni okubalwa elokweba ezitolo, elokungena lapho kungafanele khona namanye, kubhekwe ukuthi yehliswe iminyaka. Sibheke ukuthi yehliswe iminyaka ibe ngu-5 yokuthi ube semabhukwini abantu abanomlando wokulahlwa amacala," usho kanje.

Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli ngempelasonto, lapho uNgqongqoshe walo mnyango uNksz Mmamoloko Kubayi, ebekhuluma ngezinhlelo zokuvikela ofakazi abasuke behlabe umkhosi ngezinto ezithinta inkohlakalo.

UNksz Pillay uthe le ndaba yokubuyekezwa kweminyaka umuntu ayihlala emabhukwini abantu asebeke balahlwa amacala, ihambisana nokubuyekezwa komthetho iCriminal Procedure. 

Ukuze ucishwe kubantu asebeke balahlwa amacala ufaka isicelo emnyangweni wezobuLungiswa, kumele kube ngukuthi awukaze ulahlwe amacala okuhlukumeza ngokocansi noma amanye anendlakadla.

Kumele kube ngukuthi awuzake ulahlwe icala eminyakeni engu-10, futhi awukho kubantu amagama abo abhaliswe ohlwini lwabake bahlukumeza izingane iNational Register for Sex Offenders noma kwi-National Child Protection Register. 

Ukuba nomlando wokulahlwa amacala kuyakuvimba kwezinye izindawo ungawutholi umsebenzi ngenxa yalo mlando.