Thabo Manyoni
Image: Picture: Motshwari Mofokeng / Independent Newspapers Archives
ZIPHUNYUKE emlonyweni wengwenya izisebenzi zohlaka oluklama imingcele kuleli, iMunicipal Demarcation Board (MDB), ebezigcinwe ngaphandle kokuthanda kwazo, zasatshiswa ngokuthelwa induku ngesikhathi kunezigcawu zomphakathi lapho bezichaza khona ngohlelo lokuklanywa kabusha kwemingcele yamawadi kuleli.
Lolu hlaka belimatasa nohlelo lwemingcele njengoba kulungiselelwa ukhetho lohulumeni basekhaya olungonyaka ozayo.
Ilungu leMDB, uNkk Gabi Gumbi-Masilela, lithe babonga ukuthi luphothuliwe uhlelo njengoba bethwale kanzima ngesikhathi bematasa nalo msebenzi.
UNkk Gumbi-Masilela uthe ngendlela izinto ebezishube ngayo kwezinye izindawo abebevalelwe kuzona wumphakathi bebengacabangi ukuthi bazophuma bephila.
"Abantu abaningi bebefuna ukwazi kabanzi ngalolu hlelo lokuklanywa kwemingcele. Abanye bebengenalwazi, abanye bebesisabisa ngokuthi bazosishaya," usho kanje,
Ukusho lokhu ngesikhathi leli bhodi lidlulisela umbiko kwikhomishini yezokhetho kuleli, i-IEC ngomsebenzi eliwenzile ngesikhathi liklama kabusha imingcele emcimbini obuseGoli, izolo.
USihlalo weMDB, uMnuz Thabo Manyoni, ukhale esifanayo wathi lolu hambo lokuklama kabusha imingcele belunzima.
Uthe bebevalelwa kwezinye izindawo kunenqwaba yezingqinamba kodwa lokhu kuyingxenye yentando yeningi.
"Kwezinye izifundazwe njengaKwaZulu-Natal, sisalinde ukuthi izinkantolo zinqume ngaphambi kokuba siqhubeke nokubheka kabusha imingcele kumawadi athintekayo. Sibonga izisebenzi eziyibambe ishisa umphakathi ulwa," usho kanje.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu babhalisele ukuvota kulolu khetho oluzayo ngoba bazovota lapho behlala khona.
USihlalo we-IEC, uMnuz Mosotho Moepya, uthe bazoya emphakathini okushintshwe kuyona amawadi abebevota kuwona ngaphambi kokuklanywa kabusha kwemingcele ukuze bayisize ibhalise kabusha ukuze ivote.
Uthe lo msebenzi owenziwe yibhodi ubaluleke kakhulu nakuba kwezinye izindawo ushiya abantu bekhala ngoba sebeshintshe iwadi abebekulona phambilini.
"Ngeke silinde kuze kube nohlelo lokuthi kuvulwe ithuba lokuthi abantu babhalisele ukuvota kuleli njengoba sizoya emiphakathini ethintekile ngokushintshwa kwemingcele. Asifuni kube nomuntu ozosala ngaphandle athole ukuthi akasakwazi ukuvota ngoba sekushintshe imingcele."
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe ukhetho kumele lube phakathi kukaNovemba 2026 kuya kuJanuwari 2027.
UHlabisa okunguyena ozomemezela usuku lokhetho, uthe uyazi ukuthi lolu hlelo ludala izikhalazo emphakathini njengoba lolu hlaka belibhekene nezingqinamba.
"Uma sibamba ukhetho ngoNovemba, kuzophazamiseka izivivinyo zika-matric, ngoDisemba kumatasa kakhulu. NangoJanuwari, kunezingqinamba ezikhona ngale nyanga. Simatasa siqhathanisa amakhalenda noMnyango weMfundo eyisiSekelo noweMfundo ePhakeme," kusho uHlabisa.
Related Topics: