Izindaba

Unxuse ukubumbana egcotshelwa kwesokuhola ibandla lamaZayoni

Simangaliso Ntshangase|Published

ABAHOLI bebandla lamaZayoni Isiqalo Sokuthula KwamaKrestu oMbhishophi Mbongiseleni noMonica Mpungose, enkonzweni yokubagcoba ngokusemthethweni ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

UMHOLI webandla lamaZayoni Isiqalo Sokuthula KwamaKhrestu Church of God in Zion, uMbhishobhi Mbongiseleni Clifford Mpungose nowakwakhe uMbhishobhikazi Monica Velisiwe Mpungose baphosele abazalwane ababaholayo inselelo yokuthi babumbane ukusiza ukuze umsebenzi webandla labo uye phambili futhi ungathiywa yilutho.

Lokho kwenzeke enkonzweni yokubagcoba ngokusemthethweni ukuba ngabaholi baleli bandla ngokusemthethweni ebiseMbuyiselo High, eZiyendane, eNdulinde, eMandeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoMgqibelo ebusuku.

Inkonzo yokubagcoba ukuba bahole leli bandla eselineminyaka ewu-19 lasungulwa beyenganyelwe wu-Archibishop Gladys Sthembile Mhlongo; kanti futhi kuyona bekubuthene abazalwane abangaphezu kuka-150 bamagatsha amathathu aleli bandla okungelaseNtuzuma kwa-E, elaseNewtown A nelakhona eNdulinde - lapho ibandla lidabuka khona.

U-ARCHIBISHOP Gladys Mhlongo owayezokwenza umsebenzi wokugcoba ngokusemthethweni uMbhishobhi Mbongiseleni noMonica Mpungose, enkonzweni ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto emva kokugcotshwa, uMbhishobhi uMpungose uthe kumthokozisile ukuthi kuze kufike kulesi sigaba lapho esenikwe khona ngokusemthethweni amandla negunya lokuqhuba umsebenzi kaNkulunkulu, akholwa wukuthi kuzolisiza ibandla.

KUSUKELA kwesokunxele wuNksz Nokuthula Mkhwanazi, Nksz Sbongile Nxumalo, Nksz Girlie Hlanguza noNksz Sibongile Ngema enkonzweni yokugcoba abaholi babo ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

"Into engiyifisa kakhulu wukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uqhubeke ngendlela efanele, futhi ngiphosela abazalwane inselelo yokuthi baqhubeke nokubambisana futhi babumbane kunoma yini esihlanganela ukuyenza ukusiza ukuthi zingabi bikho izinselelo ezizohlakaza ibandla.

KUSUKELA kwesokunxele wuNksz Mandisa Cebekhulu, Nksz Noluthando Magwaza noNksz Nandipha Mbatha besenkonzweni yokugcoba abaholi babo ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

"Okunye engifisa ukuthi siqhubeke sikwenze wukubeka eqhulwini umsebenzi kaNkulunkulu, nokukhulisa ibandla linabele ezindaweni eziningi ezweni lonke, bese futhi siba nobuntu nothando lukaKristu okuzosisiza ukufeza inhloso yakhe," kulanda uMbhishobhi.

KUSUKELA kwesokunxele wuBongeka Zungu, Snenhlanhla Mtshali no-Amahle Myeza besenkonzweni yokugcoba abaholi babo ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

U-Archbishop Mhlongo uthe lokhu kugcotshwa kuwuphawu lokuthi laba baholi sebenegunya eliphelele lokuqhuba umsebenzi kaNkulunkulu, owokuphatha ibandla, bakhulekele abantu abagulayo ngethemba lokuthi basinde, futhi babuyise ithemba kwabadangele.

UTHEMBEKA noNoxolo Nxumalo besenkonzweni yokugcoba abaholi babo ebiseMbuyiselo High, eNdulinde, eMandeni ngoMgqibelo odlule

Image: SITHUNYELWE

"Ngibafisela ukuthi baqhubeke bahole ibandla ngeqiniso nangobuqotho, futhi babambe iqhaza elibonakalayo lokulikhulisa nokuthi bakwazi ukupheka abanye abaholi abazohamba ezinyathelweni zabo kusuka manjekuze kube sekugcineni," kusho u-Archibishop Mhlongo.