Izindaba

UMashatile nekhwelo ngokuvikelwa kwabesifazane nezingane komasipala

Simangaliso Ntshangase|Published

ISEKELA likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, lethula inkulumo engqungqutheleni yobuholi bohulumeni basemakhaya esongwe e-ICC, eThekwini ngoLwesine

Image: SALGA/FACEBOOK

IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, seliphonsele inselelo abaholi bomasipala abehlukene bakuleli lathi kukho konke abakwenzayo, bangakhohlwa wukubeka eqhulwini ubumqoka bokuvikela abantu besifazane nezingane emiphakathini abayiholayo.

UMashatile usho njalo ethula inkulumo yosuku izolo kusongwa ingqungquthela yezinsuku ezintathu yobuholi bomasipala ebihlelwe wuhlaka iSouth African Local Government Association (SALGA), ebise-ICC, eThekwini.

Uthe le ngqungquthela yenzeke yaqondana kahle nesikhathi lapho kuqhubeka umkhankaso wamiyaka yonke wezinsuku eziwu-16 wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, i-16 Days of Activism Against Women and Children Abuse.

"Ngakho njengoba kunjena nje ezweni lethu, lapho sibona kuqhubeka kwanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nsuku zonke, ngifisa ukuthi sakhele phezu kwalokho komasipala enibaholayo. Abaguqulwe babe sesimeni esizokwenza ukuthi bonke abesifazane nezingane  bazizwe bephephile, futhi bengenakwesaba," kusho yena.

Eqhuba, uthe bewuhulumeni bayalibona iqhaza elibanjwa yiSALGA ukuqinisekisa inhlalakahle nentuthuko yomphakathi, nathe nokho kusekhona okudingeka ukuthi kwenziwe ukufeza inhloso yokwakha umphakathi obumbene nonengqubekelaphambili. 

"Okunye okumqoka wukunciphisa igebe elikhona phakathi kwabaholi bomphakathi nabantu bomphakathi ababaholayo ngoba yilokho okunqinda ukuthi kuyiwe phambili. Sikholwa wukuthi uma kungaqina ubudlelwano kulezi zinhlaka zombili kungaba lula ukulungisa ezinye izinto nezimo ezihlale zikhalisa abantu emiphakathini," kusho uMashatile.

Udalule nokuthi bewuhulumeni bayakweseka ukuthi kuphuthunyiswe uhlelo lokuqeqeshwa kwamakhansela nabanye abaholi bohulumeni basemakhaya ukusiza ukugwema izingqinamba ezidalwa wukuthi baswele ulwazi lwezinto nezimo ezithile ezidinga imfundo.

"Njengoba sesidlule eminyakeni ewu-30 sathola inkululeko, kumele siqale futhi manje sisebenzele ukuthi eminyakeni ewu-30 ezayo kusukela manje kube sekukuningi kakhulu okuhle esiyobe sesikwenzile nesiziqhenyayo ngakho," kukhuthaza uMashatile. 

UNGQONGQOSHE woMnyango wokuThuthukisa amaBhizinisi asaFufusa uNksz Stella Ndabeni, ekhuluma engqungqutheleni yabaholi bohulumeni basemakhaya esongwe e-ICC, eThekwini ngoLwesine

Image: SALGA/FACEBOOK

Kule ngqungquthela eba khona njalo uma sekusondele isikhathi sokuqoka ubuholi obusha bohulumeni basemakhaya, okuzoqokwa ngonyaka ozayo - bekuhlangene abaholi bomasipala abawu-257 bezindawo ezingaphezu kuka-500 ukubhunga ngezinto nezimo ezithikameza ukusebenza komasipala, nokuthi yikuphi okumele kwenziwe ukuletha uguquko nentuthuko emphakathini. 

UMCWANINGI mabhuku wakuleli ekhuluma engqungqutheleni yabaholi bohulumeni basemakhaya esongwe e-ICC, eThekwini ngoLwesine

Image: SALGA/FACEBOOK

Indikimba yayo yanonyaka ibithi Empowering Municipalities To Drive South Africa's Growth Agenda Through Economic Resillence and Sustainable Service Delivery, okusho ukuthi bekubhekwe kakhulu ukucebisana ngamasu okufukula umnotho, nokunikezela ngezidingo zomphakathi ngendlela egculisayo newufanele.