Izindaba

Sesizocija nabaka-matric isikole saseJozini esinikelelwe ngo-R24 million

Simangaliso Ntshangase|Published

INGXENYE yamagumbi esikole esizimele iJoy House Private School, esiseJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, esixhaswe ngo-R24 millon wokusithuthukisa

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

SESIZOGCINA kwa-matric isikole esizimele saseMaphaya, eJozini, enyakatho yaKwaZulu-Natal iJoy House Private, njengoba sesixhaswe ngo-R24.2 million ngabesikhwama sikahulumeni esixhasa amabhizinisi nezinhlelo ezithuthukisa umphakathi iNational Empowerment Fund (NEF).

Lokho kuhlaluke emcimbini wokwethulwa kabusha lesi sikole emphakathini obuwenziwe kusona izolo, lapho obekubuthene ubuholi beNEF, ingxenye yabafundi bakhona abawu-470, kube wothisha  abafundisa kusona abawu-22, nomphathi fuhti owumsunguli waso uNkk Jabulile Nyawo.

Exoxa neSolezwe emva komcimbi, uNkk Nyawo wakhona eJozini, uthe kuyamjabulisa kakhulu ukubona umbono wakhe ngalesi sikole asiqala ngo-2014 uphumelela. Uthe saqala siseyinkulisa kuphela ngaleso sikhathi, saya ngokuya sikhula kwaze kwaba uqala ukuxhaswa yiNEF kusuka ngo-2017.

KUBE yinjabulo kanjena kwingxenye yabazali nothisha basesikoleni esizimele iJoy House Private School, esiseJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngenkathi sethulwa kabusha emphakathini sesithuthukiswe ngoxhaso lukaR24 million

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

"Kuyangijabulisa ukubona umbono wami ukhula futhi uthuthuka ngale ndlela ikakhulu ngoba size sifika kulesi sigaba nje, yingoba ngangiphushwa wukuthi sengiqede u-matric wami ngaba nenkinga yokungakwazi ukuqhubeka nempilo ngendlela engangifisa ngayo. Kwaba nzima ukuthola ezinye izinto ngenxa yezinga eliphansi lemfundo engalithola ngenkathi ngisafunda.

"Isifiso sami bekuwukusiza bafundi abeza emva kwami ukuthi bangathwali kanzima njengoba kwenzeka kimina, kepha bakwazi ukuthola imfundo yezinga eliphezulu nezosiza ukuthi uma sebeqede ukufunda bathole amathuba okuchuma ngemfundo," kulanda uNkk Nyawo.

Eqhuba, uthe ngale kwezinga eliphezulu elitholakala esikoleni sakhe, okunye okuhle futhi asekuzuzile wukuthi siqashe abasebenzi abawu-44, kuhlanganisa othisha abaqashwe ngokugcwele abawu-22, nezinga eliphezulu lesikole kuhlanganisa amagumbi okufundela enziwe ngezinga elicokeme, yinkulisa yabafundi baGrade R, ne-swimming pool yokubhukuda izingane.

I-SWIMMING Pool yokubhukuda abafundi baseJoy House Private School, eJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

"Ngiyazibongela kakhulu kwabeNEF njengoba ukungisiza kwabo kuzoyisa umbono wami phambili. Kusukela ngonyaka ozayo siyaqala ukufundisa abafundi u-matric. Lokhu kuzokwenza ukuthi sibe nabafundi abangaphezu kuka-530. Sibheke nokuthi siqhubeke samukele abafundi abaqhamuka nakwezinye izifundazwe ukuzofunda esikoleni sethu," usho kanje.

Isikhulu esiphezulu seNEF, uMnuz Mziwabantu Dayimani, sithe nabo bajabule kakhulu ngokuthi usizo lwabo lwenze umehluko omkhulu kangaka kulesi sikole, ababheke ukuthi siqhubeke sibe wusizo lokukhiqiza izingane ezizokhula zibe nekusasa eliqhakazile ngemfundo yazo.

INKULISA yabafundi baseJoy House Private School, eseJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, esemagcekeni alesi sikole esesizogcina kwa-matric kusuka ngonyaka ozayo njengoba sesixhaswe ngoR24 million

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

"Okunye okusihlabe umxhwele ngabo wukuthi uNkk Nyawo akalindanga uhulumeni. Sibafice bevele sebeqalile nomsebenzi omuhle abawenzayo. Sikhuthaza nabanye ukuthi bakhuthalele ukwenza izinhlelo ezinjena ezizoba wusizo lokuthi kuthuthuke umphakathi ikakhulu wezindawo zasemakhaya njengalapha," kusho uDayimani.

Omunye wabazali bezingane ezifunda eJoy House, uNkk Dudu Mawela, uthe enye yezinto ezenza bajabule ngalesi sikole wukuthi siyasiza ukuphucula indawo yasemakhaya nanokuthi senza kube lula ukufaka izingane zabo kuso, bangaze baziyise kude nasemakhya ukuthola imfundo engcono.

UNdumiso Dlangalala, owafika ezofunda uGrade R kulesi sikole, noyofunda u-matric kusona ngonyaka ozayo, uthe uyaziqhenya kakhulu ngoba waba khona sisanda kuqala njengoba manje sesithuthuke futhi saba kuleli zinga esikusona. Uthe wethemba ukuthi sizoqhubeka sifundise futhi sicije nabanye ozakwabo abeza emva kwakhe kusuka manje kubhekwe phambili.