Izibhamu ezishaqwe kubasolwa abahlukene eMelmoth naseNkandla
Image: SAPS
NgoLwesibili amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-70 ubudala ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Laba baboshwe ngesikhathi kunemikhankaso ebiqhutshwa eMelmoth naseNkandla.
Umkhankaso wobunhloli ubuqhutshwa ngamaphoyisa oLundi Public Order Policing (POP) endaweni yaseThubalethu, eMelmoth. Lokhu kuze ngemuva kokuba kuqoqwe ulwazi ngabantu ababili okusolwa ukuthi banezibhamu ezingekho emthethweni.
Ithimba lamaphoyisa linikele emzini oseThubalethu lapho lithe lisesha lathola isibhamu sikhishiwe izinombolo. Umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala, ongowokufika kuleli nobesendlini, akakwazanga ukuveza izincwadi ezimvumela ukuthi abe nalesi sibhamu.
Ube eseboshwa wabekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Amaphoyisa aqhubekele emzini olandelayo lapho ebophe khona umsolwa oneminyaka engu-34 ubudala ngemuva kokutholakala kuye izibhamu ezimbili, esinye sazo sinemiphongolo emibili.
Izibhamu ezishaqwe amaphoyisa zizohlolwa ukuze kubonakale ukuthi azikaze zisebenze ebugebengwini
Image: SAPS
Ngawo uLwesibili ithimba leKing Cetshwayo District Essential Infrastructure Task Team, lihlangene nonogada abazimele, liqhube umkhankaso ofanayo endaweni yasoHlelo, eNkandla, lapho libophe khona umsolwa oneminyaka engu-70 ngecala lokutholakala nesibhamu sohlobo lwe-AK47 esingekho emthethweni.
Ngemuva kwalokho ithimba lithuthele kwaNxamalala lapho liphinde labopha umsolwa oneminyaka engu-48 ubudala ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingamashumi amane nesishiyagalombili.
Owokugcina oboshwe kulo mkhankaso ngumsolwa oneminyaka engu-52 otholwe nesibhamu sohlobo lwe-R5 esingekho emthethweni nezinhlamvu eziyishumi nantathu. Zonke izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azizange zisetshenziswe yini ekwenzeni noma yibuphi ubugebengu.