OMUNYE wabafi uNksz Nokwanda Mbili
Image: SITHUNYELWE
UBENGAPHANDLE ngoshwele ecaleni lokubulala owesilisa okuthiwa ugwaze, wabulala abantu abayisihlanu eMalangeni, eMzinto, ngoMgqibelo, naye wase ezihenga.
Kulesi sigameko kufe ngesihluku kuqala uNksz Nokwanda Mbili obeyisinqandamathe sikamsolwa, uMnuz Lungisani Shabane, kwase kubulawa omakhelwane abane besilisa abebethi bazozama ukulamula.
Elandisa ngesigameko umshana kaNksz Mbili, uMnuz Talent Khumalo (18) uthe umsolwa, obevele ehlala egcekeni, ungene ngabo-8 ebuya ebanganini, wafica umufi e-ayina ijoyini yesonto njengoba ebelungiselela ukuya emvuselelweni yaseZayoni endaweni.
“Uvele wavala umnyango ngaphakathi, wadonsa umalumekazi, wamgwaza, phambi kwendodakazi yakhe eneminyaka engu-11,” kusho uKhumalo.
Uthe bezwe ngomufi esekhala ecela usizo, bathi bayozama ukuvula isicabha sangavuleka.
Uveze ukuthi baphuthume bayobiza omakhelwane ukuthi bazolekelela, babuya esevulile, esala ukhasha olusondela noludlula ngakuye.
“Yilapho okulimale khona laba abane, ebagwaza,” kusho uKhumalo, othe ababili babo bafele endaweni yesigameko, kwathi abanye kwabenela esibhedlela abaphuthunyiswe kuso, iScottburgh.
Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka emibili umalumekazi wabo ethandana nomsolwa, futhi ehlala nabo. Uthe ubeziphilisa ngokwakha izindlu, kuthi uma engenzi lutho, ahambe ayohlala nabangani bakhe, kuphuzwe njengoba kwenzekile ngosuku lwesigameko.
“Yena ubenalo udlame ngoba ubehlale emshaya. Mina nomfowethu (21) ubengasifuni ngoba ubethi uma ekwenza sikhona, sisukume sizame ukumvikela umalumekazi. Nayizolo umuntu abemfuna uthuli uye umfowethu, kwasho ukuthi ukwazile ukuphunyuka abaleke,” kusho uKhumalo.
Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa wake waboshwa phambilini.
“Noma besingazi ukuthi icala kwakungelani kodwa besazi ukuthi likhona icala ake aba nalo. Amaphoyisa abehlale efika ekhaya ezomsayinisa,” kusho uKhumalo.
Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa ugcine etholwa elenga esihlahleni esingekho kude nekhaya.
IPhini leMeya kaMasipala uMdoni, uMnuz Phila Thabethe, lithe: “Kuthiwa lo mlisa wabulala umuntu ngakubo KwaQoloqolo. Waphuma wazohlala ngapha, njengoba esenza le nhlekelele."
UThabethe uthe iyakhathaza eyabadedelwa ngoshwele ngoba kuvamise ukuthi baphinde benze amanye amacala adlulele.
Uthembise ukuthi umasipala uzosifaka isandla ezinhlelweni zokufihla laba abadlule ngale nhlekelele.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphenduli ngesigameko.
Related Topics: