Kwengezwe izikhathi zokusebenza emnyangweni wezasekhaya
Image: Sigciniwe
KULULWE isikhathi sokusebenza emahhovisi oMnyango wezaseKhaya ukuze abantu bashaye ama-passport kanjalo nomazisi.
Kusuka izolo kuze kube uDisemba 19, 2025, kululwe isikhathi sokuvalwa kwamahhovisi kusuka ngo-4 ntambama kuya ku-6 ntambama.
NangoJanuwari ngonyaka ozayo lo mnyango uzophinde ulule isikhathi sokusebenza ukuze abafundi abalinde imiphumela ka-matric, benze omazisi.
UNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Leon Schreiber, uthe balule amahora okuvala, ukuze abavakashi bashaye ama-passport.
Uthe bafuna ukwehlisa umthwalo wokugcwala emahhovisi njengoba kungamaholidi.
"Kusuka ngoJanuwari 5 kuya kuJanuwari 16, 2026, sizophinde silule isikhathi sokusebenza njengoba kuzovalwa ngo-6 ntambama. Sethemba ukuthi amahora okusebenza engeziwe azosiza kakhulu."
Ugqugquzele abafuna ukushaya omazisi nama-passport ukuthi babekise isikhathi sokuza ngokohlelo olukhona iBranch Appointment Booking System (BABS). Bangaya kwi-website yomnyango ukubekisa izikhathi.
"Sizobamukela kodwa nabantu abazozifikela qathatha bengazange babekise izikhathi. Asifuni abantu bangabi nezimfanelo eziqondile uma befuna ukuvakashela kwamanye amazwe, yingakho silule isikhathi sokusebenza."
Ubonge nabasebenzi abazinikele ngokusebenza isikhathi esengeziwe ngamaholidi.
"Sicela abafaka izicelo zomazisi nama-passport ukuthi basheshe bakulande. Sinezindawo ezisiza kuphela abazolanda omazisi nama-passport. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola izinto zakhe ngesikhathi," usho kanje.
Phambilini abalo mnyango bake bakhala ngokugqoza kokulandwa komazisi emahhovisi. Babekhala ngokuthi inqwaba yomazisi abaduvile abangalandiwe kanti babenxusa abantu ukuthi babalande.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi umnyango ulule amahora okusebenza uma kunamaholidi njengoba ukwenza lokho noma kuzoba yiPhasika ukuze abantu bathole izimfanelo zabo.
Related Topics: