ABEZIMO eziphuthumayo beqhubeka nomsebenzi wokubheka owesifazane omuke namanzi
Image: SITHUNYELWE
KUKHALWA ngabazishaya indiva izexwayiso ezisuke zikhishwe abesimo sezulu, kumuka owesifazane ngesikhathi kunezikhukhula eFrance, eNdumeni, ngaseDundee, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke sekuhwalala, kumuke owesifazane waselokishini laseMzomusha, engena esitamukokweni.
Lona wesifazane, ongeke adalulwe njengoba umndeni wakhe ungakatholakali, kuthiwa wehlelwe yilo mshophi ngesikhathi ebuya kophuza amanzi amponjwana nabangani bakhe endaweni.
Ngokusho kwekhansela likaMasipala waseNdumeni, uMnuz Xolani Msezana, lona wesifazane ubehamba nabangani bakhe, sekugodukwa ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Uveze ukuthi abebehamba nalona wesifazane babatshele ukuthi bebelokhu bemkhuza, ethi yena ufuna ukubhukuda.
“Kuthiwa bebeze bambambe, kodwa abalume,” kusho uMsezana othe okubuhlungu ukuthi akasekho manje emhlabeni, umndeni usuzoba sezinhlungwini zokudlulelwa othandiweyo.
Uthe kuyabakhathaza ukuthi abantu bavame ukungazinaki izexwayiso ezikhishwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
“Asizilalele izexwayiso ezikhishwa yihhovisi likaMphathiswa uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Uma ubona izulu lijika, phuthuma ngasekhaya. Uma lungekho uhambo oluphoqayo, hlala phansi, ungaze uvelelwe yinkinga,” kusho uMsezana.
Uthe bayakhuza bengabaholi ukuthi abantu abalalele ngoba izexwayiso ezikhishwayo azize zingashaya eceleni.
Uthe kusaqhubeka ukucingwa kwalona wesifazane.
Uveze ukuthi bathole ukuthi ngesikhathi liqala lihloma izilu, lona wesifazane ubezihlalele endaweni yokucima ukoma, bephuza. Uthe bathole ukuthi baze bahamba sekuntambama kakhulu njengoba ehlelwe yisigameko ngabo-18.30 ntambama.
Uthe abebehamba naye bathi abazi ukuthi ushelele manini wangena esitamukokweni, kwase kuba ukumuka kwakhe njalo.
Uthe ngale kwalesi sigameko ukhona omunye umonakalo owenzekile njengoba kulimale ingqalasizinda yemigwaqo kwaphinde kwadilika izindlu kwamanye ama-ward.
Khonamanjalo, isitatimende esikhishwe umnyango siveza ukuthi nakuMasipala waseMlalazi, umuntu ushaywe umbani wezulu maqede waphuthunyiswa esibhedlela.
Uthe kulesi sigameko senzeke e-ward 8 kanti owehlelwe umshophi uthola usizo lwezemphilo kulandela ukuphuthunyiswa esibhedlela emva kwesigameko.
Uthe ngale kwalesi sigameko, lo masipala unama-ward amathathu akhahlamezekile, kuwona ubale i-16, 21 kanjalo no-14. Uthe imvula ene kulo masipala ibiphelezelwa umoya kanjalo nokuduma kwezulu okukhulu.
Uveze ukuthi sebethumele amathimba ezinhlekelele ukuba ayonikezela ngosizo ezindaweni esehlukene esifundazweni ezikhahlanyezwe yisimo sezulu esibi.
Uthe ukucingwa kwalona wesifazane kuyaqhubeka kanti nohlelo lokukhucululwa kwendawo nakho kuyaqhubeka.
Uphinde wanxusa izakhamizi ezakhele isifundawe ukuthi ziqaphele njengoba kulindeleke ukuthi zijwayele izimo zezulu ezifuze lesi kwazise intwasahlobo nehlobo zivame ukuba nenqwaba yemvula.
“Imiphakathi ayizijwayeze ukuthi ibuke ulwazi olusuke lukhishiwe ngezixwayiso zesimo sezulu bese benza yonke into ngokuqaphela ukuhlenga izimpilo kanjalo nezakhiwo,” kusho uButhelezi.
Related Topics: