UMPHATHISWA woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka
Image: Supplied
UPHIKO oluphenya inkohlakalo kuhulumeni iSpecial Investigating Unit (SIU), luyalele uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuthi aqale ngokushesha uhlelo lokuqondisa ubugwegwe, izisebenzi zomnyango ezithinteka ekukhishweni kwethenda ka-R2.5 million, yamathoyilethi angomahamba nendlwana ezikoleni.
UHlomuka uyalelwe yiSpecial Tribunal ukuthi aqondise ubugwegwe lezi zisebenzi ezingu-16, Isolezwe elinemininingwane yazo.
Okhulumela i-SIU, uMnuz Kaizer Kganyago, uthe bayasamukela isinqumo seTribunal (uphiko olungaphansi kwe-SIU olubhekana namacala asuke ephenywa yi-SIU), sokuthi kuthathelwe izinyathelo abasebenzi ngoba bese kunesikhathi kuphenywa.
Uthe iTribunal iphinde yanquma nokuthi inkontileka eyanikwa inkampani ayigagule ngegama, ithathwa njengento engekho.
"Siyajabula ukuthi iTribunal, iyalele umuntu owengamele umnyango ukuthi aqinisekise ukuthi lo myalelo uyalandelwa. ITribunal iphinde yanquma ukuthi kushaqwe nenzuzo eyenziwe yile nkampani, eyithole ngale nkontileka. Inkampani iyalelwe nokuthi ilethe isitatimende sasebhange se-akhawunti ezinsukwini ezingu-30, ukuze imali ezobuyiswa iye eMnyangweni wezeMfundo," usho kanje.
Uveze ukuthi baphenya ngamathoyilethi angu-72, asebenzisa amakhemikhali athengwa ngumnyango ngoJuni, 2020.
"Uphenyo lwathola ukuthi ithenda ka-R2.5 million, yanikwa inkampani kungalandelwanga uhlelo lwezokuncintisana. Lokhu kuwukuphula isigaba u-217 soMthethosisekelo, umthetho iPublic Finance Management kanjalo nemigomo ebekwe ngumnyango kaMgcinimafa."
Uphenyo lwe-SIU lwathola ukuthi laba basebenzi abazange bayilandele imigomo ebekiwe ethinta ukuthengwa kwempahla.
"Uphenyo lwaphinde lwathola ukuthi inkampani yathintwa ukuthiwa ilethe okudingekayo ngaphambi kokuqokwa ngokusemthethweni. Yaphinde yanyusa amanani ngo-100 wamaphesenti. Le nkampani yafuna ukukhokhelwa ngezinto engazange izenze."
Uthe bathola nokuthi inkontileka yalulwa ngaphandle kokulandela imigudu.
"Sizoqhubeka nokuphenya inkohlakalo eminyangweni kahulumeni ukuze sivikele imali yabakhokhi bentela. Umengameli wagunyaza ukuthi siphenye izinto ezithinta ukuthengwa kwama-PPE kanjalo nokuziphatha kwabasebenzi. Sinamandla okuthi siyise abathinteka enkohlakalweni enkantolo kanjalo nasophikweni lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority."
Kwenzeka lokhu nje lo mnyango uhlale ukhala ngokungabi nesabelomali esanele sokwenza izinhlelo ezehlukene. Uhluleka nawukubakhokhela ngesikhathi osonkontileka abanamathenda.