Bonga bonke abenze unyaka wakho waba muhle ngeCadbury
Image: Sithunyelwe
AbakwaCadbury bamema zonke izakhamuzi zakuleli ukuthi zisebenzise lesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka ukubuyekeza zonke izehlakalo zonyaka.
Leli yithuba elihle lokubonisa uthando kubo bonke abantu osondelene nabo abenze unyaka wakho waba muhle.
Lokhu ungakwenza ngokuthi ujoyine umkhankaso weCadbury wokudlulisa ukubonga ngendlela ekhethekile.
Umlayezo ngamunye uzofakwa kwi-Cadbury GeneroCity esezinkundleni zesimanje okwaziyo ukungena kuzo ufunde eminye imilayezo, ubone nezipho ezinhlobonhlobo abantu ababelana ngazo.
Ungakwazi ukulandela konke okwenzeka ezifundazweni ezehlukene ngesikhathi okwenzeka ngaso.
UNomawethu Ngadlela, oyiMondelēz International Category Lead for Chocolate eSub-Saharan Africa, uthe; “Eminyakeni emibili edlule, sibone kudluliswa izinkulungwane zemilayezo eyabiwa esuka enhliziyweni, ebonisa umoya wokupha okithina sonke.”
Ukwengeza kule sizini, i-Cadbury yethula imikhiqizo ekhethekile yala maholidi ehlanganisi ama-slab anezithako ezahlukene nemilayezo yokubonga ukuguqula umuzwa wokubonga ube yisikhumbuzo esingapheli. Hlala uqaphile ngoba sikulethela oshokoledi ababili abasha, iCadbury Dream Wholenut ne-Cadbury Dream OREO. Ungawakhohlwa nalawa ajwayelekile athandwa kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka, i-Cadbury Dairy Milk Butterscotch, Crushed Almonds, Cadbury Dairy Milk Gingerbread ne-Cadbury Whispers Snowballs.
Le mikhiqizo esinithulela yona ngokuphela konyaka mihle kakhulu uma uzoyidlulisela emindenini nakubangani njengezipho. Itholakala kuzo zonke izitolo ezihamba phambili kuleli.
Uma ufisa ukudlulisa owakho umlayezo wokubonga, ngena ku-Cadbury.co.za ulandele imiyalelo evelayo. Ungasilandela nasezinkundleni zokuxhumana #GiveALittleThanks @cadbury_dairymilk_sa ku-TikTok noma usilandele ku-Instagram @cadbury_sa