Izindaba

Kuzosetshenziswa namakhamera asemzimbeni kwabasemingceleni yakuleli

Mhlengi Shangase|Published

Kuzoqiniswa imikhankaso yokulwa nabafohla emingceleni yakuleli

Image: Henk Kruger

KUZOSETSHENZISWA ubuchwepheshe bama-drones, namakhamera azoqapha okwenzeka emingceleni yakuleli ngesikhathi samaholidi.

Lokhu kuvezwe yisikhulu seBorder Management Authority (BMA), uDkt Micheal Masiapato, sikhuluma ngezinhlelo zamaholidi emingceleni yakuleli.

Kuxwayiswe abazozama ukuthatha amashansi bafohle emingceleni ukuthi bazoboshwa.

"Sizosebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqapha okwenzeka emingceleni. Sizobe singasineki kodwa sibopha abaphambana nomthetho."

UMasiapato uthe amakhamera azobe egqokwe abasebenzi, azoqapha yonke into eyenzekayo.

Uthe balindele nenqwaba yabavakashi abazongena kuleli ngenxa yokwanda kwabantu abangene emingceleni yakuleli.

Uveze nokuthi bazogxila ekubambeni izinto ezingena kuleli okubalwa izidakamizwa, izimpahla ezingombombayi nezinye.

Uthe bayalwa nokwebiwa kwezimoto zijombiswe imingcele ziyiswe kwamanye amazwe.

Uveze ukuthi eminye imingcele ematasa izovulwa ubusuku nemini ukuze abantu bakwazi ukuphuma baphinde bangene kalula.