Izindaba

Indida ngobulawe kugujwa usuku lokuzalwa kwendodakazi

Nkosikhona Cele|Published

Indida ngohlaselwe ababulali esekhaya nomndeni

Image: SAPS

UTHUKA izanya umndeni wowesilisa waseXobho okuthiwa uhlaselwe ngabantu abangaziwa esemzini wakhe bamdubula ngoLwesibili ebusuku.

ISolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi umufi, uMnuz Zamani Gwamanda (54) ubulawa nje bekungakapheli nezinyanga ezimbili eqale ibhizinisi lamakhaza.

Indodana kamufi, uMnuz Mzwandile Gwamanda, iveze ukuthi bekuyizithuba zakusihlwa ngesikhathi kuthushuka amadoda amabili egcekeni athe abazange bawabone ukuthi abefinyelele kanjani egcekeni.

Uthe aqhamuke ngasesangweni elincane angabuza lutho aqala adubula ephindelela kuyise obemi ngaphandle kwemoto yakhe.

Uthe abanye bomndeni bebengaphakathi endlini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Uveze ukuthi bebeshisa inyama kugujwa usuku lokuzalwa kukadadewabo omncane. "Namanje akulula ukuthi ngiyikholwe le nto engiyibone yenzeka. Laba bantu bebeyazi kahle into ebebeyifuna ngendlela ebenze ngayo,'' usho kanjena.

Uthe uyise bamdubule amahlandla amathathu wathulela khona lapho egcekeni. "Udubuleke kabi ekhanda kabili eyodwa inhlamvu yangena esifubeni. Laba bantu angibazi bengiqala nokubabona empilweni yami,'' kusho kanjena.

Ubabaza ukuthi laba bantu bangene benza into abayenzayo base bephuma babaleka  bebengazifihlile nasebusweni.

"Isibindi esinjengalesi mina angisazi ngempela ukuthi laba bantu basithathaphi ukuthi bangamane bangene benze into abayithandayo bese beyahamba nje kanjalo,'' kuchaza yena.

Bobabili ababulali uthe bebeggoke izikhindi ezimnyama nezikibha ezimhlophe. "Angazi noma bekuyinto abebeyihlelile yini ukuthi bafake izinto ezifanayo,'' kusho yena.

Udalule ukuthi uyise ubulawa nje ubesanda kuvula ibhizinisi lokungcwaba. Ebuzwa ukuthi lokhu akweyamene yini nalokho uthe akaboni kanjalo.

"Angikholwa wukuthi le nto imayelana nebhizinisi ubaba asanda kungena kulona. Ubaba akamusha ebhizinisini njengoba enezitolo futhi phambilini uke waba sebhizinisini lamatekisi kodwa wabuye washenxa ngenxa yodlame ayekhala ngalo,'' kuchaza yena.

Uthe bathuka izanya selokhu kwehle lo mshophi ngoba bayazibuza bayaziphendula ukuthi ngobani abenze into enjengalena futhi behloseni. ''Ubaba ubeyindoda yokuthula siyamangala ukuthi ngobani abangamcabangela into embi kangaka,'' kusho indodana.

Uthe bazolwa kuze kube sekugcineni baboshwe abantu abenze lokhu. "Emva komngcwabo sizoqala silwe sizoze siluthole iqiniso ngokubulawa kukababa,'' usho kanjena.

Ukhale ngokuthi lesi simo simhlukumezile kakhulu udadewabo obekugujwa usuku lwakhe lokuzalwa.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukaGwamanda. Athe kuvulwe icala lokubulala futhi kuyaphenywa.

Muva nje zibonakala ziba yinsakavukela izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo. Isolezwe selike labika ngazo phambilini.