Izindaba

Lihlehliselwe olunye uphenyo elezihlobo 'ezababulala' owomndeni

Nkosikhona Cele|Updated

Kuzokwenziwa olunye uphenyo ngezihlobo ezibhekene necala lokubulala owomndeni

Image: IOL / Ron AI

KUNOLUNYE uphenyo olusaqhubeka mayelana necala labomndeni abathathu abathweswe icala lokubulala isihlobo besisola ngokweba isibhamu.

Kuleli cala kuboshwe abasolwa abathathu okunguMnuz Sibongiseni Kunene (51), yindodana yakhe uMnuz Siyabonga Mhlongo (31) nendodakazi yakhe uNksz Amanda Mhlongo (28).

Bobathathu basolwa ngokubulala uMnuz Sphiwe "Mapi" Ndlanzi (39), esigamekweni esenzeka kwaK KwaMashu ezinyangeni ezedlule.

Kuthiwa babemsola ngokweba isibhamu sikakuNene, okwabuye kwavela ukuthi wayekade esibambise umnikazi wendawo yokucima ukona, ebona ukuthi "usedle kakhulu amanzi amponjwana".

Izolo eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kuvele ukuthi kusekhona olunye uphenyo oluqhubekayo ngaleli cala.

UMshushisi kuleli cala uNksz B Mncwango uthe kusaphenywa, kwabe sekuvunyelwana ngokuthi lihlehliselwe uDisemba 15.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba bangaphakathi ngemuva kokuba le nkantolo yabachitha esicelweni sabo sebheyili.

Imantshi yabeka izizathu ezihlukene eyathi yizona ezibuyekezile yase ibona kumqoka kakhulu ukuba laba bagcinwe ngaphakathi.

Phakathi kokunye yasola laba abathathu ngokuhubhuza akabhejane ngesikhathi benza izicelo zabo zebheyili. Yabasola ngokuthi kuningi abakusho okwakungamampunge ngoba nakhu befuna ukuthola ibheyili.

Yathi baqamba amanga ngokuba nezifo ezingamahlalakhona ngoba behluleka ukuvezela inkantolo ubufakazi balokho.

Yaphinde yabasola nangokuthi behluleka ukulethela inkantolo ubufakazi obuphathekayo bokuthi kukhona lapho abasebenza khona.

Yaveza nokuthi kungenzeka kuholele ekutheni kube nodungunyane emphakathini ukudedelwa kwabo. Yagcizelela ukuthi umphakathi unengekile, kungenzeka ufune ukubadla luhlaza uma bededelwa ngebheyili.

Ngenxa yalokho yathi ikhetha ukuthi iphephise impilo yabo ngokubagcina ngaphakathi.

IMantshi yalichithitha iphuzu labo lokuthi basezikhindini nje yingoba bawumhlatshelo wodungunyane ababethi lukhona phakathi kwe-ANC neMKP KwaMashu.

Yathi lokhu ukukhuluma okungenasisekelo futhi okungenayo incazelo egcwele.

"Niqamba amanga nithi nilapha nje kungenxa yokuthi kusaqhubeka ukungaboni ngasolinye   phakathi kwalawa maqembu womabili. Uma kuya ngokuthi lokho kuyiqiniso pho kungani kuhlangene abantu bawo womabili enkantolo?" kwasho imantshi.

Njengenjwayelo nayizolo ubukhona umphakathi ubhikisha ngaphandle kwenkantolo.