Izindaba

Kuzohlomula neKZN emalini yokuphucula ezemfundo

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube

Image: Basic Education Department / X

KUJIKA izinto emkhakheni wezemfundo kuleli njengoba kutshalwe imali yokufukula imfundo esemazingeni aphansi ukuze kuqedwe ngenkinga yabafundi abafika emazingeni aphezulu, bengazi lutho.

Lokhu kulandela ukwethulwa kwesikhwama esizoxhasa abafundi be-Early Childhood Development (ECD), ngengqalasizinda esezingeni, ukucijwa kwabafundisa lo mkhakha kanjalo nangezinye izinsiza.

UNgqongqoshe wezeMfundo, uNksz Siviwe Gwarube, umemezele ukuthi lesi sikhwama sixhaswe ngo-R496 million, emcimbini obuseGoli izolo.

Kule mali uthe u-R300 million utshalwe nguhulumeni eminyakeni emithathu kanti enye ifakwe yizinhlangano ezehlukene.

"Asifuni ukugxila emazingeni aphezulu ezemfundo engabe siqinisa isisekelo zisuka nje amadaka. Kuzoba nengqalasizinda esezingeni, kuqeqeshwe nabafundisa lo mkhakha siphinde sifake nezinye izinsiza ngoba sifuna abafundi badlulele kwamanye amazinga sebewumshini."

Uthe abafuni kube nabafundi abazosala ngaphandle ngoba bephuma emakhaya ahlwempu.

"Yingakho sifuna ukuthi lo mkhakha ube sezingeni lomhlaba. Asifuni kube abanemali kuphela abazothola imfundo esezingeni, kodwa nabahlwempu sifuna bayithole le mfundo. Lesi sikhwama sisungulelwe ukuthi sivale leli gebe elikhona kuleli." 

Le mali izoqala ezifundazweni ezintathu okuyiKwaZulu-Natal, Limpopo ne-Eastern Cape.

Uthe bazogxila kubafundi abazelwe baze babe neminyaka emihlanu.

"Uma sitshala imali esisekelweni sezingane zethu, sitshala imali empumelelweni yezwe. Yingakho sizokuqapha ngelokhozi ukuthi le mali yenza okufanele."

Uthe ngeke bakhokhe bengakaboni ukuthi onikwe umsebenzi ukwenze konke okudingekayo.

"Asizosinisa amahleza, sizoqikelela ukuthi kukhokhelwa abantu ngomsebenzi abawenzile. Asifuni kugcine sekuthiwa imali akwaziwa ukuthi yenzeni."

Akaqali ukuveza ukuthi uzogxila ekufukuleni umkhakha wamazinga aphansi uNksz Gwarube. Ngesikhathi eqokelwa kulesi sikhundla wakuveza ukuthi akazogxila emazingeni aphezulu ikakhulu u-matric. Wathi akusizi ukuyibamba ekugcineni  ngoba akukho okusuke kuzoshintsha.

Wabalula ukuthi ukuyibamba zisuka amadaka yikhona okuzophucula imfundo yakuleli njengoba nocwaningo luveza ukuthi abathole isisekelo semfundo esezingeni, benza kahle kakhulu emazingeni aphezulu.

Okunye agxile kukhona wukuqinisekisa ukuthi abafundi bayakuqonda abakufundayo kuleli njengoba nocwaningo lwamazwe ahlukene, luklelisa elakuleli kude uma kuvezwa amazwe anabafundi abangakuqondi abakufundayo.