Izindaba

Zikhalele nomfundisi kuboshwa inqwaba ngokushayela idle amponjwana

Zimbili Vilakazi|Published

BESE behleli bedabukisa abanye babashayeli abese beyiswe esiteshini samaphoyisa ngokushayela bephuzile eMpangeni, ngempelasonto

Image: SITHUNYELWE

KUKHONA nomfundisi kwabakhalelwe ngamasongo kaSigonyela njengoba amaphoyisa eRoad Traffic Inspectorate (RTI) abenesivimbamgwaqo ezindaweni ezifaka iMpangeni, Sikhaleni naseRichards Bay. 

Ngokwesitatimende soMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, bangu-226 sebebonke ababoshwe embhidlangweni wamaphoyisa kulezi zindawo.

"ERichards Bay kuboshwe abangu-114, eSikhaleni baba ngu-58, baba ngu-55 eMpangeni," kusho isitatimende.

Siqhube sathi kwababoshiwe kukhona umfundisi, yiphoyisa, udokotela, ujele, isicishamlilo, umshayeli weloli, othisha ababili nesitshudeni okuvela ukuthi sishaye iphoyisa lomgwaqo. Kwababoshiwe, kuphinde kube khona abangu-15 abangabokufika abangenamaphepha.

Kwisivimbamgwaqo saseSikhaleni, owesilisa ukhihle isililo, eboshwa emva kokubanjwa ishayela iphuzile. 

Ngokusho kwesitatimende, kule ndawo ngoMgqibelo ebusuku, kumiswe imoto evele yakhala amaphepha, amaphoyisa ayilandela, aze ayivimba. 

“Amaphoyisa ayihubhe ayibamba indoda ebaleke imiswa, kwatholwa ukuthi ishayela iphuzile yakhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Kuyimanje isezikhindini,” kusho isitatimende soMnyango wezokuThutha.

Isitatimende somnyango besihambisana ne-video yendoda ebisevenini yamaphoyisa izwakala idinda isililo, ithi iyaxolisa. Ibilokho isho ngempongo, ithi iyaxolisa ngeke iphinde. 

Bekungaqali ukuthi kubanjwe umuntu akhihle isililo njengoba nangenyanga edlule, kwenzeke okufanayo ePort Shepstone. Khona kuboshwe owesifazane owayesolwa ngokushayela ephuzile ehamba nezingane. Naye waphenduka inhlekisa esehayiza waze wanesibibithwane esiteshini samaphoyisa ngenkathi sekusa ngokunye, esebona evalelwa ngempela.

ISIBHAMU esitholwe kowesilisa ngenkathi kunesivimbamgwaqo eRichards Bay ngempelasonto

Image: SITHUNYELWE

ERichards Bay ngoLwesihlanu, kubanjwe indoda engeyokudabuka eNigeria nezidakamizwa. Kuthiwa lo mlisa uzame ukuncenga amaphoyisa kepha amchitha walala ebaliwe. Kuthiwa amaphoyisa athe nxa esesha imoto yakhe athola izidakamizwa, wase ezama ukuqala inkulumo yokufuna ukugwaza kodwa waboshwa.

Omunye umshayeli ubanjwe ephethe isibhamu esingekho emthethweni. Kuboshwe nomshayeli wetekisi obenesikali esiphezulu sotshwala egazini.

Amaphoyisa eRTI abesebuya isibili eMpangeni, njengoba abekhona ngomkhankaso woMnyango wezokuThutha othi #NenzaniLaEzweni, okuboshwe kuwo ababalelwa ku-156 emasontweni amabili edlule.

Emasontweni amabili edlule, eMtshezi, kuboshwe inqwaba ngokushayela iphuzile lapho okwabanjwa khona nephoyisa le-SAPS, okuthiwa laboshwa kabili izinsuku zilandelana ngokushayela liqhuba imbuzi.

Kwahlaluka ukuthi inqwaba eyaboshwa eMtshezi, ngabantu besifazane. Kwavela ukuthi abanye besifazane bebeshayela bephuzile behamba nezingane ezimotweni. 

UMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, uhlale eshumayela ivangeli lokuthi alufakwa emaphoyiseni eRTI, abantu mabangasho ukuthi abaxwayiswanga - ikakhulu njengoba kubhekwe esikhathini senjabulo yamaholidi okuphela konyaka. 

UDuma uhlale egcizelela ukuthi inhloso yabo enkulu wukunciphisa izingozi zomgwaqo ezidalwa abantu abashayela bethinte izinkamba.

OWESILISA waseNigeria, okuthiwa ubanjwe ephethe izidakamizwa ngenkathi kunesivimbamgwaqo eRichards Bay ngempelasonto

Image: SITHUNYELWE