UNGQONGQOSHE woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, ekhuluma engqungqutheleni yabaholi bomasipala bohulumeni basemakhaya, esongwe e-ICC, eThekwini ngoLwesine
Image: SALGA/FACEBOOK
UNGQONGQOSHE woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usenqumele ugwayi katiki iminyango ehlukene yohulumeni wathi mayiphuthumise ukukhokhela bonke omasipala basemakhaya imali ebakweleta yona ukusiza ukugwema ukuthiyeka kokusebenza kwayo kwansuku zonke.
UHlabisa usho njalo ethula inkulumo esigcawini sokusonga ingqungquthela yobuholi bohulumeni basemakhaya ehlelwa wuhlaka olulawula ukusebenza kwabo iSouth African Local Government Association (SALGA), esongwe e-ICC, eThekwini ngoLwesine.
"Lokho sizimisele ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka njengoba sesivele sihlalile nekhabinethi sabeka umbandela wokuthi lokhu esikushoyo kube sekwenzekile ngoJanuwari wonyaka ozayo, okuzothi uma kungenzeki kanjalo - senze indlela yokuthi omasipala abakweletwa yileyo minyango bazithathele ngokwabo leyo mali," kusho uHlabisa.
Eqhuba, ungqongqoshe uthe wethemba ukuthi konke okubhungwe engqungqutheleni kuzosiza ukuthi wonke amacebo nemibono okuvele kuyona kusebenzele omasipala basemakhaya abawu-257 ukuze basebenzele umphakathi ngendlela efanele.
"Siyalibona igalelo lomasipala lokuphucula umphakathi, futhi siyakubonga ukusebenza ngokuzikhandla kwabo bonke abasebenzi bakhona. Nokho kumqoka futhi ukuveza ukuthi sikhathazekile ngenqwaba yomasipala abatholwe benogcobho, njengoba embikweni wonyakamali wango-2023/24 bewu-41% kuphela omasipala abathole umbiko ongenagcobho, kanjalo nokuthi bawu-140 okutholakale ukuthi basebenza bengenahlelo oluqondile lokusebenza, okungezinye zezinkinga ezidinga ukusukunyelwa," usho kanje.
UHlabisa uthe babheke ukuthi kushaye uMashi ngonyaka ozayo sekunomehluko obonakalayo kuzona zonke lezo zinkinga ezinqinda ukusebenza komasipala basemakhaya ngendlela efanele, kubalwa nokunganikezelwa ngendlela efanele kwengqalasizinda.
"Sibheke ukusebenzisa konke esibonisane ngakho lana, kuhlanganiswe namaphuzu avele embuthanweni wabaholi bamazwe omhlaba iG20, esisanda kuba nawo kuleli zwe, nesikholwa wukuthi esikufundile futhi kwacetshiswana ngakho kuzolisiza kakhulu izwe lethu ukuthi lithuthuke futhi lidlondlobale kuneliyikho manje," kusho ungqongqoshe.
Indikimba yengqungquthela yanonyaka ibithi Empowering Municipalities To Drive South Africa's Growth Agenda Through Economic Resillence and Sustainable Service Delivery, okusho ukuthi bekubhekwe kakhulu ukucebisana ngamasu okufukula umnotho, nokunikezela ngezidingo zomphakathi ngendlela egculisayo nefanele.