ABABESEBENZA emabhasini kaMasipala weTheku abakhala ngokukweletwa imali
Image: TUMI PAKKIES
BAKHOMBA ngenjumbane uMasipala weTheku ngokubakweleta imali engaphezu kuka-R18.4 million, ababesebenza emadepho amabhasi amane alo mkhandlu eminyakeni eminingi eyedlule.
Ngokusho kwabo, zingaphezu kuka-1 120 izisebenzi ezalahlekelwa wumsebenzi ngo-2003 ngesikhathi kushintshwa ukuphathwa kwezokuthutha zikamasipala, zinikwa inkampani ezimele.
Laba basebenzi babengabashayeli bamabhasi, abezobuchwepheshe, omabhalane kanjalo nezimenenja. Babesebenza edepho esenkabeni yeTheku, Ntuzuma, uMlaza kanjalo neRossburgh.
USihlalo we-Ebhodwe Transport Services, uMnuz Vusi Maduna, utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi kwenzeka lolu guquko, bona babefuna ukuqhubeka nomsebenzi ngaphansi kwenkampani entsha.
Nokho uthe izikhulu zehhovisi lezokuthutha kumasipala zabeluleka ngokuthi bavume ukudilizwa ukuze babe sethubeni lokuba wosonkontileka abancane, abazosebenzisana nomasipala ngaphansi kwenkampani entsha eyayisizophatha ezokuthutha.
Uthe kwabe sekuqokwa inkampani iRemant Alton Consortium ukuthi kube yiyo ephatha umsebenzi, yayizothola u-60% wemali, kuthi bona bathole u-30% bese osomatekisi bethola u-10%.
“Ukuze sikwazi ukuba yingxenye kwakufanele siqongelele imali engu-R6.5 million. Kwaba abangu-329 kuphela esibalweni sika-1 120 abakhombisa ukulangazelela, bafaka u-R20 000 umuntu ngamunye,” kulandisa uMaduna.
Uthe yilapho okwabe sekubhaliswa khona inkampani i-Ebhodwe Transport Services, yaba nabaninimasheya abangu-329.
Uthe laba abanye abasebenzi ababesale ngaphandle kulo 329, baba nezikhalo, udaba lwagcina lungena enkantolo, bemelwe yiTheku Services Trust.
Uthe kwagcina kwenziwa isivumelwano sangaphandle kwenkantolo esasithi i-Ebhodwe izodedela u-30% kwiTheku Services Trust, bese kuthi iRemant Alton Consortium ivumelana ne-Ebhodwe ukuthi linikwe umsebenzi wokukhanda amabhasi njengenkontileka encane.
Uthe esinye isinqumo senkantolo esathathwa ngo-2006, esokuthi kusungulwe iDurban Transport Employees Trust entsha, eyayizohlomula u-30% womsebenzi, ifake bonke abasebenzi (1 120).
“Abe-Ebhodwe neRamant Alton bangena esivumelwaneni sokubambisa ngomsebenzi wokunakekelwa kwamabhasi ngo-2007. Umasipala wawuyalelwe ukuthi ugade ukusebenza kwalesi sivumelwano. Kuze kube manje abasebenzi abakaze bathole ngisho isenti,” kusho uMaduna.
Uthe bathi bayezwa, kwathiwa umasipala usuphinde wathenga amabhasi enkampanini iRamant Alton ngo-R405 million ngo-2008.
Kwathi ngo-2009, kwamenyezelwa ukuthi inkampani iRamant Alton isivaliwe ngenxa yezinkinga zemali.
“Lokhu kwaba yisimemezelo esisimangazayo ngoba kwathi uma sibheka kuzo zonke izinkantolo, sasingekho isicelo esasifakiwe sokuthi ivalwe,” usho kanje.
“Umasipala wehluleka ukujezisa inkampani ngokungazihloniphi izivumelwano zenkontileka yokusebenzisana. Abasebenzi bangathola lutho, ababonelelwanga ngalutho ngisho isivalwa le nkampani,” usho kanje.
Uqhube wathi umasipala wathi usuka waqoka inkampani iMohamed Paruk neTansnat Bus Services ukuthi babheke umsebenzi wamabhasi.
Uthe kwenzeka lokhu nje, i-Ebhodwe yayisenenkontileka yokusebenza eyayizophela ngo-2010.
“Kusuka ngalesi sikhathi silokhu silwa lolu daba kodwa singaphumeleli. Izikhulu zikamasipala kanjalo nosopolitiki abayingeni eyethu,” kusho uMaduna.
Uthe emhlanganweni wonyaka ngo-2022, abaninimasheya babedinwe beqhuma, ngenxa yokuthi babengakaze bathole mali eminyakeni engu-10 edlule.
“Kwaqashwa inkampani ezimele ukuthi iphenye amabhuku kusuka ku-2020 kuya ku-2022. Bathola ukuthi kube khona inkohlakalo, ukweba, ukushintshisana ngemali, ukukhwabanisa, nokungaphathwa ngendlela kwemali,” usho kanje.
Uthe ngoDisemba 2023, umasipala wase uvumile ukubakhokhela imali engu-R13 million yomsebenzi ababewenzile. Ngokuphela kukaMashi 2024 umasipala kwakufanele ubakhokhele u-R5.4 million.
“Asikaze siyithole yonke le mali engu-R18.4 million. Sifuna ukukhokhelwa. Iningi lethu alisenamali, siyahlupheka, asikwazi ukunakekela imindeni yethu,” kusho uMaduna.
UMasipala ubuziwe ngalolu daba kodwa wacela ukuthunyelelwa wonke amaphepha anobufakazi ukuze uphendule.
Related Topics: