Izindaba

Kubikwe ukugula nokhwantalala kwababhale u-matric

Mhlengi Shangase|Published

Ukhwantalala

Image: Pixabay

PHEZU kokuba kuhambe kahle ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric kuleli, kodwa uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukhathazekile ngokwanda kwesibalo sabafundi abebegula ngesikhathi kubhalwa, abanye bebenokhwantalala.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, njengoba kuphothulwe ukubhalwa kwalezi zivivinyo. Izolo abafundi abambalwa abangakwazanga ukubhala iComputer ne-Information Technology, banikwe elinye ithuba lokuphinde babhale lezi zifundo.

KwaZulu-Natal kubikwe izehlakalo ezimbalwa okubalwa imibhikisho yomphakathi owawukhala ngezidingo, ukushiswa kwesikole iMpolweni Secondary, umfundi owaba sengozini yemoto wagcina engabhalanga, umfundi owashisa omunye ngamanzi kubangwa isoka okwenza isisulu sangakwazi ukuqhubeka sibhale. 

UNksz Gwarube uthe phezu kwezingqinamba ezibekhona kodwa izivivinyo ziqedwe ngaphandle kwezinkinga.

"Kube nezinhlelo zokululeka abafundi abebenokhwantalala, bagcina bekwazile ukubhala. Abanye babhalele ezibhedlela kanti abanye banxuse ukubhalela kwezinye izindawo ngenxa yezinkinga. Sikhathazekile ngezehlakalo zobugebengu abafundi babanjwa inkunzi beyofunda ebusuku nemibhikisho yomphakathi kwezinye izindawo," usho kanje.

UMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, uthe noma zibekhona izehlakalo ezenzekile ngesikhathi kubhalwa, kodwa aziphazamisanga ukubhala.

"Noma zibekhona izehlakalo ezimbalwa ezibikiwe esifundazweni, kodwa akuzange kuphazamiseke ukubhalwa kwezivivinyo. Abangazange babhale bazophinde banikwe elinye ithuba lokubhala ezivivinyweni zangoJuni, ngonyaka ozayo," usho kanje.

Uthe ukumaka kuzoqala ezikhungweni ezingu-32 ngesonto elizayo.

"Ukumaka kuqala ngoDisemba 2, kuphothulwa ngoDisemba 12. Bangu-7 889 abamakayo kanti kukhona nabasiza ngesikhathi sokumaka. Angu-1 578 ama-Senior Markers, abengu-835 ama-Chief Markers."

Kuzwelonke bangu-52 000 abamakayo.

UHlomuka ukhale ngabebelovile kubhalwa wathi bangu-2%. Bangu-195 592 abafundi ababhalisele leli banga. Kulaba abangu-180 454 bebebhala ngokugcwele, abangu-15 047 bebhala ngasese.

Kunxuswe abakwa-matric ukuthi bangaqale babhiyoze njengoba kusalindwe imiphumela. Ababhekene nokhwantalala, umnyango uthe kunosizo lokubeluleka ngokwengqondo. Abalinde imiphumela baphinde banxuswa ukuthi bangawenzi amaphathi okubhiyozela ukuphothula ukubhala, adume ngama-pens down.