Izindaba

Inselelo kubaholi bomasipala ngokuphucula ukusebenza kwabo

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxele wumphathi wohlelo uNksz Cathy Mohlahlana, uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enock Godongwana, iSekela likaNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Namane Dickson, isikhulu sophiko lwezezimali lweDurban Chamber of Commerce uMnuz Mike Raftery neMeya kaMasipala waseTshwane uDkt Nasiphi Moyo bekwingqungquthela yobuholi bohulumeni basekhaya e-ICC, eThekwini noLwesithathu

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

UBUHOLI bomasipala basemakhaya buphonselwe inselelo yokuthi bubambisane nezinhlaka zohulumeni ikakhulu uMnyango wezeziMali okuzosiza ngokuthi ukusebenza kwabo kungabi nazihibe futhi kube ngokufanele nokubeka phambili inhlalakahle yomphakathi.

Lokho kushiwo wuNgqongqoshe woMnyango wezeziMali, uMnuz Enock Godongwana, ekhuluma kwesinye sezigcawu esenzeke osukwini lwesibili lwengqungquthela yobuholi bomasipala basemakhaya ehlelwa wuhlaka iSouth African Local Government Association ebise-ICC, eThekwini izolo, nezosongwa namhlanje ntambama.

Kule ngqungquthela eba khona njalo uma sekusondele isikhathi sokuqoka ubuholi obusha bohulumeni wasemakhaya okuzoba ngonyaka ozayo, kubhungwa ngezinto nezimo ezihlukene ezithiya ukusebenza komasipala basemakhaya. Lokhu kufakazelwa yindikimba yawo yanonyaka ethi Empowering Municipalities To Drive South Africa's Growth Agenda Through Economic Resillience and Sustainable Service Delivery. 

UMNUZ Enoch Godongwana

Image: Elmond Jiyane / GCIS

UGodongwana uphonsele omasipala inselelo yokuthi babambisane nomnyango awuholayo wezezimali nezinye izinhlaka zohulumeni ukusiza ukwehlisa umthwalo wokulindeleke kubona.

"Lokho kumele bakwenze ngokuqikelela ukuthi ingqalasizinda esisiza ngayo kubona bayisebenzisa ngobuchule nangokucophelela. Lokhu kungasiza ukuthi singabuyeli emuva njalo emsebenzini esiwenzayo naseqhazeni esihlale silibamba ukubalekelela. Kuyasikhathaza ukuthi njalo sihlale sinikezela ngosizo lwezezimali kubona, kepha futhi akwenzeki kungabi bikho lapho okuba nongcobo khona endleleni abayisebenzisa ngayo," usho kanje.

Inhloko yophiko lwezezimali lweDurban Chamber of Commerce, uMnuz Mike Raftery, ithe kudingeka kube nohlelo lwemithetho ezokwenza ukuthi kube seqhulwini ukutshala imali ezokwenza kwakheke amathuba emisebenzi emphakathini. Ithe okunye okumqoka wukuxhaswa kosomabhizinisi abasafufusa emphakathini okuzosiza ngokuthi abantu bakwazi ukuzimela.

"Ngaleyo ndlela kuzoba lula kosomabhizinisi abasafufusa ukuthola amathuba okuchuma, nokuthi kubekwe eqhulwini ubumqoka bokuthuthukisa imboni yezokuvakasha. Lezi ngezinye zezinto esibona ukuthi zingasiza ukwehlisa umthwalo kwabahola omasipala," kusho uRaftery.

IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zaboMdabu, uDkt Namane Dickson, libeke umbono wokuthi makuqiniswe uhlelo lokukhuthaza amakhansela nabaholi bomphakathi komasipala basemakhaya ukuthi bagxile emfundweni.

"Ukwenza njalo kuzosiza ukuthi lowo nalowo msebenzi kamasipala awuqonde ngokugcwele nangokuphelele umsebenzi asuke eqashelwe wona. Kuzosiza nangokunqanda inkinga yabasebenzi bomasipala okusobala ukuthi abawazi umsebenzi abawuqashelwe," kusho yena.