Kuphele amahlathi ebanjwa ejoyintini kwesinye isifundazwe
Image: Pexels
UZIZWA ukhululekile umndeni womfana (9) waseNtuzuma, eThekwini, kulandela ukubanjwa kukayise omdala owabalekela icala lokuzama ukumbulala maphakathi nonyaka odlule emva kokudedelwa ngebheyili ngoJanuwari ngonyaka odlule.
Umsolwa, uMnuz Sduduzo Mavundla (29) waseChesterville, eThekwini, ubanjwe amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili lapho abebhace khona maqede wavela kafishane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo. Icala lakhe libe selihlehliselwa uMsombuluko.
Usolwa ngecala lokuzama ukubulala nelokushaya ingane yomfowabo, uMpendulo Msweli ngasekuqaleni kukaJanuwari ngonyaka odlule. Waboshwa emva kwesigameko, wavela enkantolo, wadedelwa ngebheyili, wagcina esebaleka eyobhaca eNorth West.
Isolezwe likhuluma noninakhulu womgilwa, uNkk Veronica Msweli, uthe ayikho into ebajabulise njengokuthola ucingo obelubazisa ukuthi umsolwa usebanjiwe.
“Sibonga abezindaba ngokusabalalisa ukuthi ufunwa amaphoyisa, wagcina ebanjiwe,” kusho uNkk Msweli.
Uthe asebekubhekile manje wukuthi umsolwa abhekane namacala akhe.
“Sifuna ukubona liqala liqulwa icala lakhe bese eyagwetshwa, anikwe isijeziso esimfanele,” kusho uNkk Msweli.
Ukhale ngokuthi ohlwini lwamacala abekwa umsolwa alikho elokunukubeza ngokocansi.
“Ngokwefayela likamgilwa lasesibhedlela, kuyavela ukuthi wanukubezwa. Ngifuna lengezwe naleli cala bese ewajezela wonke,” usho kanje.
Ulandise intatheli ngeziwombe ezinzima umndeni owabhekana nazo emva kokuba umgilwa ephume esibhedlela iNkosi Albert Luthuli Central, ahlala kuso izinyanga ezintathu.
“Ingane yayingakwazi ukuzibamba ize iyofika ethoyilethi uma iphisiwe. Yayivele izingcolisele. Sathi uma silandelela esibhedlela, sathola ubufakazi ngokwenzeka,” kusho uNkk Msweli.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umgilwa okhulela kubo kanina wayevakashele kubo kayise ngesikhathi umsolwa emyenga ngokuyomthengela ama-chips esitolo. Kuthiwa sebesendleleni, wamjikela, wamkhomba ehlathini lapho afike wamnukubeza khona, wamklinya wase emshaya ngesikhali esingaziwa ebusweni, wamshiya ethi ufile.
Umgilwa kuthiwa wabuye waphaphama ebusuku, wadwanguza, waze wayophumela emgwaqweni lapho athola khona abantu abamphuthumisa esibhedlela iKing Edward esiyaziwa ngeVictoria Mxenge, yona eyamdlulisela eNkosi Albert Luthuli Central.
Kuthiwa ngesikhathi umsolwa ehlasela umgilwa wayemtshela ukuthi uyise (kamgilwa, ongumfowabo womsolwa) umjwayela kabi futhi ufuna ukumfundisa isifundo.
Kunezinsolo ezingaqinisekisiwe ezithi wayemkweleta imali.
Related Topics: