UVusi Shongwe oyilungu leMK Party ePhalamende
Image: X
Kukhathazeke abaningi kuvela izindaba sokuhlaselwa kukaVusi Shongwe, oyilungu leKomidi le-Ad Hoc ePhalamende, ngoLwesithathu ebusuku ehamba nomunye umuntu ngemoto yakhe.
UShongwe kuthiwa waphucwa amafoni amathathu waqolwa imali.
Kulesi sigameko, abathumbi bashaqe zonke izingcingo zakhe zontathu, futhi bamphoqa ukuba akhiphe isamba semali ebhange lakhe. Kuthiwa uhlaselwe ngo-10 ebusuku Waze wadedelwa ezintatha zangoLwesine.
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) seliphakamise ukuthi kuqiniswe ezokuphepha kuVusi Shongwe, edunwe imoto ngoLwesithathu.
USotswebhu weqembu, uColleen Makhubele, uhlabe umkhosi encwadini ayithumele kuSomlomo uThoko Didiza, ethi isigameko senzeka ngoLwesithathu, mhlaka-26 Novemba.
“Ngibhalela ukuze ngikwazise ngokusemthethweni udaba olukhathaza kakhulu mayelana nokuphepha nokuphepha kwamalungu eKomiti Le-Ad Hoc, ikakhulukazi lawo amele i-MK Party,” kubhala yena.
Kwavulwe icala esiteshini samaphoyisa eThembisa, kanti uphenyo lusaqhubeka.
Isitatimende seMK Party dress sibhal lw uSomlomo wePhalamende
Image: Mk party