Izindaba

Kuphume isidumbu kubangwa intsu

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uNksz Andiswa Nkosa

Image: SITHUNYELWE

KUBATSHAZWA unya owesilisa waseNsimbini, eCato Manor, eThekwini, engena impi yabesifazane okuthiwa bebelwa bebanga isinemfu, wagwaza oyedwa wafa, ngoLwesibili.

Kulesi sigameko, kufe uNksz Andiswa Nkosa (32) wakuyo le ndawo, emva kokuba umsolwa emgwaze ngohalakasha lommese esifubeni. 

Umsolwa kuthiwa uyisoka lowesifazane obelwa nomufi.

Isidumbu sikamufi okuthiwa ubulawe ephethe ingane yakhe enonyaka, kuthiwa sificwe ephaseji eliseduze kwalapho okwenzeke khona isigameko. 

Nakuba umndeni kamufi ungazange uyiqinisekise imbangela yengxabano kodwa imithombo ithe bebebanga isinemfu, esidume ngentsu.

Ngokusho kwelungu lomndeni kamufi, uNksz Nelisiwe Dladla, babizelwe endaweni yesigameko phakathi kwamabili. 

Uthe bamfice esebanda umufi, kukhombisa ukuthi isigameko kade senzekile.

Uthe abakutholile wukuthi lapho kwenzeke khona isigameko yikubo komunye wesifazane obekuphuzwa naye. Kuthiwa bekuhlangenwe kuphuzwa. Kwabebekhona kubalwa umufi, owesifazane agcine eselwa naye, isoka lakhe lona wesifazane, umfowabo (wowesifazane) nomfowabo wesoka. 

Uthe abakubona wukuthi indawo yesigameko ithikanyeziwe.

“Owesifazane abebephuza naye, efika ekhaya, ufike wasitshela ukuthi ushiye umufi bemgwaza kubo. Kodwa uma sesifika thina isidumbu sakhe bese sibekwe ephaseji,” kusho uNksz Dladla.

Uthe abazibonele kwenzeka isehlo babatshele ukuthi umufi ugwazelwe ngaphakathi egcekeni.

“Sisola ukuthi bamhudulile esebulewe bayombeka ngaphandle,” usho kanje. 

Uthe okunye okubaxakile wukuthi bafike lingekho igazi kumufi, kodwa zimanzi izingubo abezigqokile.

“Kukhombise ukuthi ligeziwe inxeba, wase eyobekwa ephaseji. Nasegcekeni sibona sengathi baligezile igazi ngoba bekunamanzi nakhona, kungekho machaphazelo egazi,” kusho uNksz Dladla. 

Uthe ngisho nommese okusolwa ukuthi usetshenzisiwe uficiwe endaweni yesigameko kodwa nawo ususulwe igazi.

“Siphatheke kabi ngokwenzekile. Sizwa kuthiwa ngaphambi kokuba alinyazwe, balwile nalo wesifazane, yangenwa umfowabo (wowesifazane), washaya umufi ngempama. Kuthe besalanyulwa, isoka lowesifazane laya endlini layothatha uhalakasha lommese, lagwaza umufi,” usho kanje.

Uthe ngesikhathi sempi phakathi kwabesifazane, umsolwa utshele umufi ukuthi: “Akehlise ingane emhlane, balwe ngoba bayafunana.”

Ilungu lomphakathi elingeke lidalulwe ngoba abathintekayo basagcwele amathafa lithe umsolwa uwumuntu obukhali ekugwazeni abantu.

“Omunye wamgwaza waze wakhubazeka,” lisho kanje.

Elinye lifakazele ukuthi unezidumbu phansi, futhi uyasatshwa.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokubulala kulandela isigameko. 

Uthe imbangela yokubulawa kukamufi ayikaziwa.