Izindaba

Izosiza izwe eyentela ephezulu kwabagembulayo

Mhlengi Shangase|Published

Ukugembula

Image: Gerry Cupido / Gemini

IZOSETSHENZISELWA izinhlelo zokuthuthukisa izwe, ukwehlisa intela ekhokhwa abasebenzi, ukwehlisa isikweletu sezwe, ukuxhasa ezemfundo nezempilo kanjalo nezinye izinto imali ezongeniswa uma kuphasa isiphakamiso sokunyusa intela kwabagembulayo kuleli.

Ngokukahulumeni uhlela ukufaka intela engu-20%, ngaphezu kwentela ebizwa yizifundazwe ezehlukene kuleli ezinkampanini zokugembula.

Inhloso ngukwehlisa umdlandla kwabagembulayo njengoba uhulumeni enza minyaka yonke ngokunyusa intela eshaya abaqhafi kanjalo namaxhwele.

UMnuz Christopher Axelson, inhloko yezentela emnyangweni kaMgcinimafa kuleli, uthe ngale ntela bafuna kwehle nesibalo sabagembulayo ngokufaka le ntela kwabagembula ngobuchwepheshe (online gambling).

"Kuhlukene imibono njengoba silindele ukuthi kube nemvunge ngalesi siphakamiso, abanye bathi izinkampani zizoshiya ziye kwamanye amazwe ngenxa yale ntela. Sithole ukuthi nakwamanye amazwe iyafakwa le ntela, kwamanye le ntela ingaphezu kuka-20%. Inkulu imali ezongena emnothweni wakuleli ngokukhokhisa le ntela," usho kanje.

Uthe ngale mali bahlose ukwenza izinto eziningi njengoba kuhlale kukhalwa ngesabelomali esinciphayo minyaka yonke.

"Sizoyifaka ezinhlelweni zokuthuthukisa izwe. Izoya ezinhlelweni ezifana nezemfundo, ezokuphepha, ezempilo nakwezinye izinhlelo. Uma kwanda imali asizoyinyusa intela ekhokhwa abasebenzi, mhlawumbe nentela ekhokhwa uma uthenga impahla okuyiVAT. Ngaleyo ndlela izosiza kwehle umthwalo obhekene nezwe," kusho u-Axelson, ekhuluma neNewzroom Afrika izolo.

Uthe baningi abantu abaphumele obala bekhala ngokuthi balahlekelwe yikho konke abebenakho ngenxa yokugembula.

"Yingakho sifuna ukuzwa imibono yomphakathi mayelana nendaba yokufaka le ntela. Asikwazi ukuhlala singenzi lutho kukhona abakhala ngomonakalo odalwa wukugembula." 

Uthe basazobuka izinto eziningi ezithinta umthelela odalwa wukugembula wathi uma kunesidingo, bazoyinyusa intela ekugembuleni.

"Sifuna abagembulayo bayeke ngoba bayalimala. Uma beqhubeka nokugembula bazokhokha imali eningi. Izwe ligajwe wububha yingakho sifuna ukunxenxa abagembulayo ukuthi bayeke," usho kanje.

Kwenzeka lokhu nje kuyakhalwa ngokwanda kwale nkinga kuleli njengoba abanye kuthiwa bagembula ngisho imali yokugcina. Nezitshudeni zingene zagamanxa kulolu gibe njengoba ezinye kuthiwa zigembula ngisho nemali eziyithola esikhwameni soxhaso ezikhungweni zemfundo, iNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS).

Abafuna ukuphawula ngalesi siphakamiso sentela ekugembuleni bangaya kwi-website yoMnyango kaMgcinimafa ethi:www.treasury.gov.za: Bangathumela ukuphawula ku:[email protected]. Kumele baphawule ungakashayi uJanuwari 30, 2026.