ISIKHULU sezimali emaphoyiseni uLieutenant General Puleng Dimpane, sichaze kabanzi ngokusebenza kwemali emathimbeni ayisipesheli njengePKTT
Image: X
U-LIEUTENANT General Puleng Dimpane, oyiChief Financial Officer yeSAPS, udalule ukuthi ithimba iPolitical Killings Task Team (PKTT) selixhaswe ngemali engu-R435 million kusuka lasungulwa.
Lesi sikhulu samaphoyisa besifakaza ekomitini lesikhashana lasePhalamende eliphenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki nokusebenzisana kwamaphoyisa nezigebengu.
Ikomiti elilalela ubufakazi lisungulwe emva kwezinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngoJulayi 6.
UMkhwanazi wasola uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiswe, uMnuz Senzo Mchunu, ngokuhlakaza iPKTT ngoDisemba 31, 2024, ngoba evikela imigulukudu engobhululu bosopolitki namaphoyisa.
Ethula ubufakazi bakhe izolo uLieutenant General Dimpane uthe njengamanje amaphoyisa anamathimba ayisipesheli angu-11 okubalwa nePKTT.
Ecelwa umholi wobufakazi u-Advocate Lerato Zikalala ukuthi anikeze incazelo yokuthi imali ye-PKTT isetshenziswe kanjani eminyakeni eyehlukene edlule, uLieutenant General Dimpane uthe:
"Izinto ezisetshenziswayo ezirekhodiwe ngamathimba ajutshiwe zikhomba izindleko eziqondile, ezilawulekayo esizikhiphela imali. Kusukela onyakenimali u-2018/19 kuze kube uSepthemba walo nyaka, izindleko ezinkulu ePKTT zibe yisikhathi esengeziwe, ukuhamba, nokudla, ikakhulukazi indawo yokulala."
"Amalungu avame ukuvela ezifundazweni ezihlukene, hhayi lapho asebenzela khona, ngakho kufanele siwanikeze indawo yokuhlala nokudla. Umsebenzi wesikhathi esengeziwe uvamile, okwenza lezi zinto ezimbili zibe yinto ejwayelekile kule minyaka edlule."
ULieutenant General Dimpane uphinde waphawula ukuthi ezinye izindleko ezibekwe ngaphansi kwezingavamile noma ukuhamba ngendiza kwenzeka ngezikhathi ezithile lapho amalungu kudingeka aphuthume ukuze enze imisebenzi.
Uveze ukuthi izindleko zesikhathi esengeziwe ezirekhodiwe zonyaka ka-2025/26 bezingakabi khona.
"Lokhu akusho ukuthi ithimba belingasebenzanga. Izicelo zalo zesikhathi esengeziwe zisacutshungulwa, futhi zizofakwa kumarekhodi ngokuhamba kwesikhathi. Ithimba liyaqhubeka nokusebenza futhi nginesiqiniseko sokuthi lezo zindleko zisabhekisiswa ngaphambi kokuba kukhokhwe."
Enxuswa ukuba enabe ngezindleko zokuhamba uthe: “Ithimba litshalwa ezindaweni ezehlukene uma kunesidingo. Kuyenzeka kusetshenziswe amaphoyisa aseduzane, kodwa kuvame ukuthi kwengezwe ngawo amaphoyisa asethimbeni lePKTT ukuze kusheshe kulawuleke isimo. Amalungu ethimba asuke eqhamuka ezindaweni ezehlukene ngakho kuye kuqale ngokuthi kugunyazwe abaphethe ukutshalwa kwawo.
"Badinga indawo yokuhlala, ukudla, nokusekelwa ngenkathi besebenza kude nasemakhaya. Amathimba esikhashana ajutshwayo, asuke esungulwe ukuze afeze izinjongo ezithile, ngokungafani namathimba amaphoyisa asebenza ngokugcwele. Uxhaso lwawo lwemali kwesinye isikhathi kuba yinto yesikhashana."
Mayelana nokuthi izindlela ezisetshenziswayo njengamanje zijwayelekile yini, uLieutenant General Dimpane uthe: “Ukube amathimba abengamalungu eSAPS ajwayelekile, izindleko zendawo yokuhlala nokudla bezizoba phansi kakhulu ngoba amalungu abezobe ehlala emakhaya awo.”
Wanezele ngokuthi: "Izindleko zokuhamba zivela ngezikhathi ezithile kuphela uma uphenyo ludinga ukuthuthela ngaphandle kwesiteshi okuvulwe kuso idokodo. Ngakho-ke, kuyinto evamile ukuthi amathimba esikhashana abhekane nezindleko zokulala eziphezulu nezokuziphilisa."
ULieutenant General Dimpane ucacise indima yomnyango wakhe ekuphathweni kwemali wathi iwukuqinisekisa ukutholakala kwenkece nokuthi (umnyango wakhe) awunalo igunya lokugunyaza noma lokuphika izicelo zokusebenza kwamathimba.