Izindaba

SIGOQA USUKU lokuqala lukaCat Matlala phambi kwekomidi lasePhalamende

Nonkululeko Nhlapo|Published

Esigqikini sekomidi lasePhalamende kuhleli uVusimuzi 'Cat' Matlala

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

UVusimuzi Cat Matlala uvele phambi kwekomidi lasePhalamende ejele iKgoshi Mampuru II ukwethula ubufakazi bakhe.

Okugqamile ukuvezwe yile nsizwa yaseMamelodi yilokhu:

- Ukuqinisekisile ukuthi ubesebenzisana nomphathi wamatekisi ongasekho uJothan 'Mswazi' Msibi. Lowo owayengumsunguli we-SANTACO wayemataniswa neqembu lezigebengu elibizwa nge-'The Firm' okwakusolwa ukuthi lilawula iqembu le-'Big 5'.

- Uthi uBrown Mogotsi waqala ukumazi ngesikhathi ethola ucingo oluvela kuye emtshela ukuthi usebenza ehhovisi likaNgqongqoshe uzomsiza ngezinkinga zakhe.

- Uthi ngokuhamba kwesikhathi wabona uMogotsi umsenga imali kodwa uyahluleka ukumsiza ngezinkinga zakhe namaphoyisa.

- Wahlangana nowayengungongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ngosizo lukaBongani Mabonga Mpungose (indodana kasomatekisi waKwaNongoma uSputla Mpungose), edinga usizo ngezinkinga ayebhekene nazo namaphoyisa.

- UCele wamsiza wakwazi ukubuyiselwa izibhamu zakhe, nokunye okwathathwa amaphoyisa ophiko lweSpecial Force ayegasele emzini wakhe ngoDisemba wangonyaka odlule. Ngalolo sizo, uCele wafuna kubongwa. Nebala uMatlal wamubonga ngoR500 000 owakhokhwa amahlanga amabili. Imali yokuqala uR300 000 wamineka wona behlangene emzini wakhe uMatlala eMdistream, ngaseCenturion. Enye imali uR200 000 wafika ngesikhwama, asilanga emotweni yakhe wasifaka emotweni kaCele.

- Uthi wayeka ukukhuluma noCele esezama umsenga enye imali, ekhala ngokuthi yena nomkakhe banezinkinga zezimoto udinga imfalakahlane.

- Uthi uCele wahlela umhlangano phakathi kwakhe noLt General Nhlanhla Mkhwanazi owamvezela ukuthi inkontileka yakhe izonqanyulwa ngoba ungqongqoshe uveze inkulumo enjalo

- UMkhwanazi wacela usizo kuye ukuze kusulwe icala lokushaya ayevulelwe lona liphenywa yi-IPID, kodwa akaphumelelanga ngoba abagilwa bakhala ngokuthi kwabashaywa, abanye sebakhubazeke ngendlela yokuthi abasakwazi ukukhuluma.

- Usola ukuthi ukuhluleka kwakhe ukusiza uMkhwanazi nokuqhubeka nokondla uCele yikona okumfake edanyani