Izindaba

Lithole ibheyili ijaji eliboshwe nomholi webandla

Nonkululeko Nhlapo|Published

Lithole ibheyili kaR10 000 ijaji uPortia Dipuo Phahlane obhekene necala lokwamukela intshontsho ecaleni lombango webandla i-IPHC

Image: X

IJAJI nabanye asolwa nabo bathole ibheyili kaR10 000 umuntu emunye enkantolo enkulu ePitoli.

IJaji uPortia Dipuo Phahlane ubengomunye wabantu abane ababoshwe yiDirectorate for Priority Crimes Investigation (Hawks) ngoLwesibili ebusuku. Abanye ababoshiwe indodana kaPhahlane uKagiso Phahlane, Vusi Soli Ndala kanye nomholi webandla i-IPHC uMichael Sandlana.

Ukuboshwa kwalaba kulandela uphenyo olukhulu lwenkohlakalo kanye nokushushumbiswa kwemali okuhlobene nombango wangaphakathi bandleni i-International Pentecost Holiness Church.

Ngokusho kokhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, abammangalelwa - abaneminyaka ephakathi kuka-32 no-64 - babhekene namacala ahlanganisa inkohlakalo nokushushumbisa imali.

Kuyicala loKlebe ukuthi uPhahlane wamukele ukufumbathiswa, ukuze akhiphe isinqumo esivunayo ecaleni lokulwela ozohola ibandla.

“Kutholwe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwalaba abahlonziwe,” kusho uMogale.

"Uphenyo luveze umkhondo wemali efinyelela ezigidini okusolakala ukuthi zashintshana ngezandla kubasolwa."

Ibamba leNhloko yoKlebe uLieutenant General Siphosihle Nkosi ukwamukele ukuboshwa kwalaba.

“Lokhu kuboshwa kukhombisa ukuzibophezela okungaguquki kwe-DPCI ekulweni nenkohlakalo kuwo wonke amazinga.

Ijaji uPhahlane unikezwe ibheyili kaR50 000 nomyalelo wokuba angalibhadi emagcekeni enkantolo enkulu njengoba engummangalelwa. abanye abasolwa ababili bathole ibheyili kaR10 00 umuntu emunye, kodwa umholi webandla uMichael Sandlana, akayitholanga njengoba kuhlehliselweelinyeilanga ukulalelwa kwesicelo sakhe.