Imeya yaseTshwane uDkt Nasiphi Moya ekhuluma nomunye wabanikazi bejoyinti
Image: X
Kuphazamiseke uhlelo lokusebenza ejoyintini elidume kakhulu i-Iphi Ntombi, edolobheni iTshwane. Kuthiwa ikamelo ngalinye lihlukaniswe ngokweziteshi zokusebenza ezisetshenziswa abesifazane nabesilisa abathenga izinsiza zocansi.
Le ndawo yabaqwayizi iphethwe ngabantu baseChina abakhokhisa laba besifazane u-R1000 ngesonto ukuze basebenze. Kuthiwa la maChina aqoqa le mali yamakamelo angu-41.
Ngesikhathi iMeya yedolobha ihlola isimo, kutholwe isamba semali engadaluliwe iboshwe ngamapulasitiki enye isebhokisini ngaphansi kombhede.
"Siyivalile i-Iphi Ntombi - indawo yokucima ukoma edumile nendawo yokudayisa enkabeni yedolobha iTshwane ephethwe abantu baseShayina. Lesi sikhungo kudala sephula imithetho yethu. Namuhla, sinqume ukuqinisa isandla siqinisekise ukuthi abanikazi nendawo bahambisana nomthetho ngokufanele," kusho uDkt Nasiphi Moya imeya yaseTshwane.