Izindaba

Kulindelwe kusebenze u-R3.3 billion ngempelasonto yeBlack Friday

Simangaliso Ntshangase|Published

KULINDELEKE ukuthi kusetshenziswe imali eshisiwe emititilizweni yeBlack Friday

Image: Pexels

IBHANGE iFirst National Bank (FNB) seliqagele ukuthi lilindele ukuthi yenyuke imali ezosetshenziswa ngabathengi ngale mpelasonto yemititilizo yaminyaka yonke yeBlack Friday, njengoba kulokhu kuthuthuka njalo izinga lezokuthenga ngobuchwepheshe besimanje, nokuzokwenza ukuthi ifinyelele ku-R3.3 billion imali engase isetshenziswe.

Lokhu kususelwa ekutheni silokhu sanda nsuku zonke isibalo sabathengi abahlale bethenga besebenzisa ubuchwepheshe besimanje, kangangokuthi abanye abasavamile ukuzihlupha kangako ngokuthenga izinto ezithile ezitolo, njengoba sebekwazi ukwenza lokho umuntu ezihlalele ekhaya.

Izibalo zokuqagela kweFNB kanjena, zisukela nasekutheni nyakenye yaba ngaphezu kwa-R5.4 billion imali eyasetshenziswa ngabathengi ngemishini yaleli bhange ngale mpelasonto yale mititilizo eba kanye njalo ngalesi sikhathi.

Kanti uma kubhekwa futhi indlela izinto ezenzeka ngayo ezimakethe nakulo nyaka, i-FNB ibona emaningi amathuba okuthi kwenzeke okufanayo. Kuvele nokuthi ukuthumelana imali ngohlelo lwe-eWallet nokuthenga usebenzisa usebenzisa imininingwane yekhadi lakho lasebhange, kulokhu kukhule njalo - kube kwehla isibalo sabantu abasebenzisa imali ngqo. Okunye futhi okwenza ukuthi kuqagelwe ngale ndlela wukuthi abantu abaningi bayenqena ukwehla benyuka beyothenga, njengoba sebencamela ukwenza konke besemakhaya.

Inhloko yophiko olubhekele ukuthenga ngesikweletu nokunye okweyamene nakho eFNB, uMnuz Akshay Bhayroo, uthe indlela abathengi abenza ngayo kule minyaka ikhombisa ukuthi basuke benenhloso ethile ngokuthi bathenga ini, nini futhi kanjani. 

"Yingakho nangalesi sikhathi sibheke ukuthi izinhlelo zokuthenga ngobuchwepheshe besimanje zibe neqhaza elikhulu ezizolibamba ekutheni amakhasimende athenga kanjani futhi kangakanani ngale mpelasonto esiya kuyona, kuqhubekela kwindlela okwenzeke into efanayo ngayo ngonyaka odlule," kusho uBhayroo.

Eqhuba, uthe babheke ukuthi abantu baqalele kusemanje ukuthenga imikhiqizo nezinto eziningi njengoba seyiqalile imititilizo yamanani aphansi ezitolo ezahlukene, okubhekwe ukuthi baqinise kakhulu ekudleni, izimpahla zokugqoka nokunye kokuzijabulisa, bese futhi kubhekwa nokuthi lokhu kunothise kakhulu imboni yezimpahla neyezokuvakasha.

"Konke lokhu kufakazela futhi kukhomba ukuthi amakhasimende athanda ukuthenga ngendlela ezokwenza ukuthi akhululeke futhi angakhathazeki ngezinto eziningi futhi kucacisa ngokusobala ukuthi afuna ukwenza izinto ngendlela ezoba lula nengezukudala ukuthi aphoqeke ukwehla enyuka ukuthola into ayidingayo," kulandisa uBhayroo.