Izindaba

Kucime izibani eboshwa esabuka ibhola ejoyintini

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ubanjwe ejoyintini uSduduzo Mavundla obefunelwa icala lokuzama ukubulala

Image: SAPS

USduduzo Nkosikhona Mavundla, 29, uboshwe ngamaphoyisa eHebron, esifundazweni saseNorth West ngoLwesibili ebusuku. Ngemuva kokujutshwa kozakwabo baKwaZulu-Natal, i-Brits Crime Intelligence kanye ne-Brits Trio Task Team balandele umkhondo kaSduduzo baze bayofika eSigcemeni sase-Itereleng e-Hebron. USduduzo obenganakile ubezibukela ibhola kwenye yezindawo zokucima ukoma ngesikhathi eboshwa. Uzolethwa eThekwini lapho ezovela khona enkantolo maduze.

Kulesi sigameko esenzeka ePhola, eChesterville, eThekwini, ngoJanuwari 3, 2024, umsolwa uMnuz Sduduzo Mavundla (29) wahlasela, walimaza uMpendulo Msweli (9), wamshiya ethi ufile.

Ugogo kamgilwa ngasohlangothini lukanina, uNkk Veronica Msweli, uthe kahle hle umgilwa uhlala eNtuzuma, kodwa isigameko senzeka eChesterville, umgilwa evakashele umkhulu ohlangothini lukayise.

“Uyise wakhe omncane wamyenga ngokuthi abahambe ayomthengela ama-chips esitolo. Sebesendleleni, wamjikela wamfaka ehlathini lapho amshaya khona, wagwazwa ngesikhali esingazi ukuthi sasiyini kodwa okukhombisa ukuthi sasinamazinyo wase emklinya, wamshiya ethi ufile,” kusho uNkk Msweli.

 

Uqhube wathi umgilwa wabuye waphaphama sekuhwalele, wadwanguza, waze wafika ngasemgwaqweni, lapho asizwa khona umuntu wendawo ahlangana naye.

Uveze ukuthi lo muntu wamphuthumisa esibhedlela iKing Edward, yona eyamdlulisela eNkosi Albert Luthuli Central.

“Wahlala esibhedlala izinyanga ezintathu. Esesilandisa ngesehlo wasitshela ukuthi uyise omncane ngesikhathi emhlasela wayethi uyise (kamgilwa) umjwayela kabi, ufuna ukumfundisa isifundo,” usho kanje. 

Uthe nakuba bengakaze baluthole ulwazi olugcwele ngokuthi kwakuyini imbangela yokuthi ahlasele umgilwa kodwa bezwa kuthiwa uyise (kamgilwa) wayemkweleta imali umfowabo.

“Asazi noma wayihlaselela lokho yini ingane,” kusho uNkk Msweli.