UMPHATHISWA woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi ehambele eNew Hanover eyohlola umonakalo
Image: SITHUNYELWE
BABALELWA ku-465 abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula ezigasele ngeSonto eNew Hanover kuMasipala waseMshwathi, ngaseMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe wuMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi ehambele le ndawo izolo ekhashwe yiMeya yendawo, uMnuz Mandla Zondi.
UButhelezi ubeyohlola umonakalo aphinde anikeze abakhahlamezekile usizo kwesikhashana.
Uthe zingu-117 izindlu ezicekeleke phansi. Kuzona kukhona ezingu-50 eziphele nya, bese kuba khona ezingu-67 ezithintekile.
“Bangu-79 abasale dengwane. Ngeshwa munye osekuqinisekiswe ukuthi ushonile, kuthi ababili basathathwa njengabasadukile,” kusho uButhelezi.
Ubuye waba nomhlangano nethimba labatakuli abasaqhubeka nokubheka abadukile.
Siyazwelana nemindeni yabo njengoba ibhekene nesikhathi esinzima sokulahlekelwa yizihlobo,” kusho uButhelezi.
Uncome ithimba labatakuli nabezimo eziphuthumayo, wathi banesibindi.
“Sikushayela ihlombe ukusebenza kwabo ngokuzikhandla ngalesi sikhathi esinzima futhi sikhulekela ukuthi abadukile batholakale ngokushesha,” kusho uButhelezi.
Ubonge izinhlaka ezihlukene ezisondele ngokushesha nosizo kulabo abakhahlamezekile. Kubona ubalule iminyango ehlukene kahulumeni, Red Cross, Themba Njilo Foundation, Alimdaat Foundation kanjalo neGift of the Givers.
Phakathi kosizo olutholwa abakhahlamezekile kubalwa ukudla okushisayo, izingubo zokulala, izipontshi, izinto zokugeza kanjalo nophahla lokufihla ikhanda.
Uthe usuqalile umsebenzi wokukhucululwa kwendawo njengoba abakhahlamezekile bezoqala uhlelo olunzima lokuqala kabusha impilo.
Ephawula ngowesifazane okutakulwe isidumbu sakhe ngoMsombuluko uthe asebekutholile wukuthi uneminyaka engu-53 kanti ungowokudabuka eMatatiele, e-Eastern Cape. Wathi ngokuhlonipha umndeni, igama lakhe lisazogodlwa okwamanje.
Uveze ukuthi umnyango kanjalo nomasipala bebezohlangana nomndeni kamufi khona izolo, bawunike konke ukwesekwa okudingayo.
Uthe njengoba iseningi imvula elindelwe ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe, kunxuswa imiphakathi ukuthi ihlale iqaphile.
“Mazihlonishwe zonke izexwayiso ezikhiswa abeSouth African Weather Service," kusho uButhelezi.
Uthe unxusa omasipala ukuthi baqinise imithetho, bavimbe abantu ukuthi bakhe ezindaweni ezisondelene nemifula kanjalo nalezo ezingabeka impilo yabo engcupheni.
“Lokhu kuzosiza ukuze kuqinisekiswe ukuthi impilo yabantu iyahlengwa,” usho kanje.
Ezindaweni ezikhahlanyezwe yizikhukhula kubalwa iShiyabazali eseNew Hanover, Mishani, Dalton ebuye yaziwe ngeCool Air, ngaphansi kwayo kukhona izindawo ezifana neLoliwe, Sphothom, Mkhushwa neKamelhoek.
Related Topics: