Izindaba

Yiba mehlomane ukugwema amaqola ngeBlack Friday

Simangaliso Ntshangase|Published

KUXWAYISWA abathengi ukuba baqephele izigebengu ezizosebenzisa iBlack Friday ukubaqola

Image: SIGCINIWE

ISIKHATHI sokuphela konyaka yilapho abantu abaningi besisebenzisa khona ukuthi bazijabulise nemindeni yabo, okungaba nangokusebenzisa imali betitiliza izinto nemikhiqizo ehlukene yokudla, okokugqoka nokunye.

Yingaleso sikhathi inhloko yophiko olubhekele ukunqanda izigameko zokuqolwa kwabantu yaseStandard Bank, u-Adv Athaly Khan, esexwayise abathengi ukuthi babe mehlo mane ngalesi sikhathi kunoma yini abayithengayo ukusiza ukugwema ukugilwa amaqola.

U-Adv Khan uxwayise ngokuthi njengoba sekusondele impelasonto yemititilizo yeBlack Friday yilapho amaqola azobe enkanise ngandlela zonke ukuthi abaqole ngokuthi amanye awo azenze abantu noma izitolo eziza nezaphulelo ezithile, okwenza kube lula ukudidiseka - bese uqoleka kalula kanjalo.

"Uma sekuyilesi sikhathi, zanda lapho izigameko zamaqola asebenzisa ukuthi abathengi basuke bemagange ngalesi sikhathi futhi bethenga bejahile. Abanye basuke bephushwa nayilukuluku lokugajwa yinjabulo - okwenza ukuthi kube lula ukuluthwa wubala," kuxwayisa u-Adv Khan. 

Ucebise abathengi ukuqapha izindlela ezahlukene ezisetshenziswa ngamaqola ukubadoba  ikakhulu ngalesi sikhathi. Nazi ezinye zalezo zindlela ezivame ukusetshenziswa ngamaqola:

  1. Ukukuqola ngokufuna imininingwane yakho yasebhange uma uthenga: Amaqola enza lokho ngokuthi enze ama-website awumbombayi afana nse nawezitolo ezikhona nezaziwayo, bese ekuqola ngokuthi akuluthe ukufaka imininingwane yakho yasebhange ukuthenga okubalwa kuyona inombolo yekhadi lakho lasebhange, wukuthi lizophelela yisikhathi nini nenombolo eyimfihlo ebhalwe kulona, bese ihamba kanjalo imali yakho. Yingakho kusemqoka ukuhlale uqinisekisa ubunjalo baleyo website ukuthi ayiwona yini umbombayi, bese ugwema ukuhlale ucindezela ama-link asolisayo avela kwiselula yakho, bese futhi ubika ebhange lakho konke okusolisayo ukuze ugweme ukuqolwa. 
  2. Amaqola ezimpahla ozithenga zigcine zingafikanga kuwena: Ngenxa yokuthi kuyaziwa ukuthi abathengi bayawathanda amanani aphansi, amaqola avame ukufaka imikhiqizo yamanani aphansi lokhu okwethusayo enzela ukukulutha ngawo. Abathengi badotshwa ngokuthi isitoko esikhona sincane futhi sizosheshe siphele, okuthi ungakhokha imali - ulinde umlibe igcine ingafikanga kuwena leyo mpahla obuzitshela ukuthi uyayithenga. Ngakho uma kuwukuthi awukaze wathenga kuleso sitolo phambili, kusemqoka ukuqapha ngokweqile ngaphambi kokuthi ufake imali yakho, bese icwila kalula kanjalo ungasakutholanga obukufuna. Abadayisi abasemthethweni baba nemininingwane yabo yocingo, eye-email neyendawo abatholakala kuyona. Ngakho uma kungekho okunye kwalokho, baleka ngezinyawo zombili.
  3. Imiyalezo ongayazi nobungayilindele: Amanye amaqola asebenzisa ukuthola izinombolo zabathengi, bese ethumela imiqhafazo enama-link nemiyalezo okusolisayo kokuthi ngena kukhona uma ufuna imininingwane ebanzi. Lokho basuke bekwenza ngenhloso yokukuluthela ukukuqola ngokweba imininingwane yakho esemqoka, ngakho ngaphambi kokuthi uze ungene kulowo noxhaka, zibuze ukuthi kungani leyo mininingwane ithunyelwa kuwena ube ungakaze uyicele?