Izindaba

Kufunwa osolwa ngokuzama ukubulala umshana

Zimbili Vilakazi|Published

UMSOLWA uMnuz Sduduzo Mavundla ofunwa amaphoyisa ngokuzama ukubulala indodana yomfowabo

Image: KZN SAPS

UKHATHAZEKILE umndeni womfana okuthiwa wagwazwa waklinywa uyise omncane ngonyaka odlule, owagcwala amathafa emva kokudedelwa ngebheyili. 

Kulesi sigameko esenzeka ePhola, eChesterville, eThekwini, ngoJanuwari 3, 2024, umsolwa uMnuz Sduduzo Mavundla (29) wahlasela, walimaza uMpendulo Msweli (9), wamshiya ethi ufile.

Ugogo kamgilwa ngasohlangothini lukanina, uNkk Veronica Msweli, uthe kahle hle umgilwa uhlala eNtuzuma, kodwa isigameko senzeka eChesterville, umgilwa evakashele umkhulu ohlangothini lukayise.

“Uyise wakhe omncane wamyenga ngokuthi abahambe ayomthengela ama-chips esitolo. Sebesendleleni, wamjikela wamfaka ehlathini lapho amshaya khona, wagwazwa ngesikhali esingazi ukuthi sasiyini kodwa okukhombisa ukuthi sasinamazinyo wase emklinya, wamshiya ethi ufile,” kusho uNkk Msweli.

Uqhube wathi umgilwa wabuye waphaphama sekuhwalele, wadwanguza, waze wafika ngasemgwaqweni, lapho asizwa khona umuntu wendawo ahlangana naye.

Uveze ukuthi lo muntu wamphuthumisa esibhedlela iKing Edward, yona eyamdlulisela eNkosi Albert Luthuli Central.

“Wahlala esibhedlala izinyanga ezintathu. Esesilandisa ngesehlo wasitshela ukuthi uyise omncane ngesikhathi emhlasela wayethi uyise (kamgilwa) umjwayela kabi, ufuna ukumfundisa isifundo,” usho kanje. 

Uthe nakuba bengakaze baluthole ulwazi olugcwele ngokuthi kwakuyini imbangela yokuthi ahlasele umgilwa kodwa bezwa kuthiwa uyise (kamgilwa) wayemkweleta imali umfowabo.

“Asazi noma wayihlaselela lokho yini ingane,” kusho uNkk Msweli.

Uthe kuningi okwenzeke ecaleni okwenza babone sengathi ezobulungiswa zibenzela phansi.

Phakathi kokunye uthe, bamangala bezwa ukuthi umsolwa wadedelwa ngebheyili ngawo uJanuwari 2024 nathe yinto abayizwa emva kwezinyanga ezintathu yenzekile.

“Kwathi uma siyobuza enkantolo kumshushisi, wasichazela into esingayizwa. Kwathi uma sibuza ngenqubekela phambili yecala, nakhona wathi asikho isidingo sokuthi silokhu siza enkantolo,” kusho uNkk Msweli.

Uthe umshushisi wabatshela ukuthi abeze ngosuku oluthile ngoSepthemba nyakenye, nokwathi uma sebeya, batshelwa ukuthi bekuwusuku olungafanele.

“Sagcina sithole ukuthi wayevela ngalelo langa kodwa akafikanga. Uma sithola, kuthiwa akazange eze enkantolo, selokhu abaleka lokho lokho,” kusho uNkk Msweli.

Uthe basola ukuthi wabaleka wayobhaca eGoli lapho kuzalwa khona unina.

Uveze ukuthi udaba luwukhathaza wonke umndeni ngoba abazi ukuthi umsolwa uphi nokuthi umndeni uphephe kangakanani njengoba egcwele amathafa nje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa acela ukulekelelwa wumphakathi kutholwe umsolwa ofunelwa icala lokuzama ukubulala umgilwa. 

Ngokusho kwakhe, umsolwa watshela umgilwa ngosuku lwesigameko ukuthi uyise akamhloniphi ngakho ke uzomfundisa isifundo.

“Emva kokwenza isigameko, umsolwa wakhohlisa umndeni (eChesterville) wathi umgilwa udukile ngakho akuphuthunywe kuyobikwa emaphoyiseni esiteshini saseCato Manor,” kusho uNetshiunda. 

Uthe emva kophenyo umsolwa waboshwa, kodwa wabuye wadedelwa ngebheyili, kwabe bayamgcina enkantolo.

“Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yakhishwa ngoSepthemba nyakenye, kanti amaphoyisa alokhu emcinga kusukela lapho,” kusho uNetshiunda othe noma ubani ongaba nolwazi lokuthi umsolwa ubhacephi angathinta umphenyi wecala uCaptain Ndlovu wasesiteshini samaphoyisa eCato Manor noma ashayele inombolo yamaphoyisa engakhokhelwa ethi 08600 10111.