Izindaba

IPhalamende lifuna kuphenywe ngabavaleleke eRussia

Mhlengi Shangase|Published

DUDUZILE Zuma-Sambudla

Image: File

IKOMITI lasePhalamende lifuna uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi baluthwa kanjani abantu bakuleli abangu-17 abavaleleke eDonbas, emngceleni wase-Ukraine naseRussia, okuthiwa balwa impi ephakathi kwala mazwe.

USihlalo wekomiti lobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Supra Mahumapelo, uthe kumele kuvele ukuthi banxenxwa ngubani ukuthi bayosiza amasosha aseRussia kule mpi.

"Siyajabula ukuthi amaphoyisa azophenya ukusuka nokuhlala ngokwenzeka kususwa abantu kuleli beyiswa kwamanye amazwe beyolwa impi. Sizofuna nencazelo egcwele eMnyangweni wobuDlelwano namaZwe ngokuthi kwenzekani njengoba nawo wenza olwawo uphenyo."

SUPRA Mahumapelo

Image: Supplied

Unxuse abantu ukuthi behlise umoya njengoba kuqhubekauphenyo.

"UMnyango wobuDlelwano namazwe yiwona omele umengameli wezwe ezintweni ezithinta ubudlelwano namanye amazwe. Umgomo wezwe wukuthi kumele kube nokuxoxisana uma kukhona ukungezwani emazweni ehlukene." 

Uthe uma kukhona izinhlaka zomshoshaphansi ezisebenza ezweni, kumele zivezwe obala.

"Uma zikhona izinhlaka eziphambana nemigomo kahulumeni wakuleli, kumele ziphenywe ibheshu," kusho uMahumapelo.

Usho lokhu nje lolu daba seluphenywa oKlebe emva kokuba indodakazi endala yomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Nkosazana Bonganini Zuma-Mncube, ivulele udadewabo icala, uNkk Duduzile Sambudla-Zuma nabanye ababili oNksz Siphokazi Xuma noMnuz Blessing Khoza. 

Ibasola ngokulutha abesilisa abangu-17 ukuba bayolwa impi. Esitatimendeni sikaNkk Zuma-Mncube ubavulele amacala athinta ukushushumbiswa kwabantu, awokusiza umbutho wezempi wakwamanye amazwe nelenkohlakalo.

Ukwenze lokhu ngoba kulaba besilisa abangu-17, abayisishiyagalombili bangamalungu omndeni wakhe. Uveze ukuthi babengazi futhi abazange bavume ukuyolwa impi ekulawa mazwe.

UNgqongqoshe woBudlelwano namaZwe omhlaba, uMnuz Ronald Lamola, uthe uhulumeni wakuleli uxoxa nohulumeni wase-Ukraine nowaseRussia, ukusiza ngalolu daba.

Uthe wudaba olungelula lolu ngoba basesizindeni sempi eqhubekayo.

“Sifuna noma ngubani oyingxenye yokuluthwa kwabantu aboshwe. Siyalusebenza lolu daba ngoba abantu bakuleli okumele babuyele emindenini yabo,” kusho uLamola.

I-MK ayikaze ithi vu ngalolu daba. Sekube nemibiko eveza ukuthi babalelwa ku-1 436 abantu bakuleli nabangu-36 abavela kwamanye amazwe okuthiwa bayingxenye yamasosha aseRussia, abalwa le mpi. Imindeni yalaba besilisa kuthiwa ifuna babuyiselwe kuleli.