Izindaba

Indida ngowayeyisikhulu se-JMPD etholakala edindilizile ekhaya lakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuzohlolwa isidumbu David Tembe ukuze kucace imbangela yokufa kwakhe

Image: ANA

Uphiko lwezokuPhepha koMphakathi edolobheni laseGoli lumemezele ukudlula emhlabeni kukaMnuz David Tembe, obengumeluleki kaDkt Mgcini Tshwaku oyiLungu leKomidi likaMasipala ophikweni lwezokuphepha komphakathi.

UMnuz Tembe, owayeyiNhloko yoMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD), utholwe ethule ekhaya lakhe.

"Abezimo eziphuthumayo banikele kuleli khaya ngokushesha, ngemuva kokuthola umbiko kodwa ngeshwa, bekungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yakhe. Kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwayo," kusho uMasipala ngesitatimende.