Izelamani zakwaNdimande uSiyabonga Gezani noMalusi Dave,Ndimande bevele enkantolo yeMantshi eThekwini
Image: Nomonde Zondi
Ngemuva kokubuyiswa kwabo eNingizimu Africa, bevela eSwatini emasontweni amabili edlule, uSiyabonga Gezani Ndimande noMalusi Dave Ndimande bavele okwesibili enkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.
Bathweswe amacala ahlukene iminxa emithathu kubalwa nokufa kuka-Kiernan Forbes (AKA) noTebello Motsoane (Tibz). Phakathi kwamacala kukhona ukuhlela ukubulala, amane okubulala, amaningi okuzama ukubulala, ukuphatha izibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho, ukushushumbisa imali namanye.
Icala lihlehlele u-09 January 2026 ukuze abameli bafake isicelo sokuthi umbuso ubanike imininingwane ethile maqondana nokubuyiswa kwababangalelwa kuleli.