Izindaba

Bafisa ukufulathela indawo abezikhukhula ezidlule nabathathu

Zimbili Vilakazi|Published

OMUNYE womonakalo odalwe yizikhukhula eNew Hanover, ngeSonto

Image: KZN HUMAN SETTLEMENTS DEPARTMENT

BAFUNA usizo lokususwa bayokwakhelwa endaweni ephephile abakhahlanyezwe yizikhukhula eNew Hanover, kuMasipala waseMshwathi.

Lokhu kushiwo okhulumela abakhahlamezekile, uNkk Gabi Zondi, ongumasitende walapho okumuke khona iziqashi ezintathu.  

Elandisa ngesigameko, uthe senzeke naye ekhona ekhona ekhaya.

“Ngibone ngewindi amanzi eza ngesivinini, emaningi. Ngitshele umyeni wami ukuthi ake siphume siyobheka phandle ngoba ngibona amanzi esemaningi egcekeni,” kusho uNkk Zondi.

Uthe bathe uma bephumela phandle, bawabona enyuka ngezindonga amanzi. Lawa amanzi kuthiwa awomfula oseduze, Injisuthi.

“Ngivele ngangenga endlini ngacaphuna umzukulu (2), ngaphuma ngabaleka,” kusho yena

.

Uqinisekise ukuthi zintathu iziqashi zakhe ezimuke namanzi.

“Lesi esitakulwe emanzini endaweni sesishonile ngigcine ngisibona sibambelele ngama-blocks, sizama ukubalekela amanzi naso. Amanzi avele asigugula nawo ama-blocks,” usho kanje.

Uthe lezi ezinye ezimbili (iziqashi) ababonanga ukuthi zimuke kanjani kodwa bakholelwa ukuthi amanzi azikhiphe phakathi ezindlini.

ABATAKULI betakula oyedwa oshone emva kokumuka namanzi ngeSonto

Image: KZN COGTA

Uthe ayisishiyagalombili esewonke amakotishi aqashise ngawo. Uthe kwenzeke isigameko kukhona iziqashi eziyisithupha, ezimbili zingekho.

“Lezi ezintathu ezisindile zithole imihuzuko zaphuthuyiswa esibhedlela. Ezimbili zikhishwe namuhla (esho izolo), kuthi esinye sasala khona,” usho kanje.

Uvumile ukuthi imizi yabo kanjalo namakotishi akuqhelile kangako nomfula.

“Zihlale ziba khona izikhukhula, ugcwale umfula kodwa bekungakaze kwenzeke ukuthi uzohamba emagcekeni,” kusho uNkk Zondi othe nango-2022, ngenkathi kunezikhukhula akuzange kwenzeke abakubone ngeSonto. 

Uthe sebezimisele ngokuthutha endaweni ngoba bayabona ukuthi lo mfula usuyingozi kubona. 

“Uma singalekelelwa ukuthi siyokwakha kwenye indawo ephephile, kungasiza,” usho kanje.

Uthe amaphoyisa kanjalo nezikhulu zikahulumeni bayithathile imininingwane yabaminzile ngenhloso yokuqala uhlelo lokwaziswa kwezihlobo zabo. 

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mzila ekhuluma nabezindaba, uthe amathimba abezinhlekelele atshalwe kule ndawo ukuze anikezele ngalo lonke usizo oludingekayo.

Uthe ukucingwa kwababili abangakatholakali kuyaqhubeka, waveza ukuthi kusetshenziswa ngisho nobuchwepheshe bama-drone.

Uthe abakhahlamezekile nabo bathola usizo olufana nokudla okufudumele, izingubo zokulala kanjalo nophahla lokufihla ikhanda ehholo lomphakathi, wathi kukhona iminyango ehlukene kahulumeni, omasipala abakhele indawo kanjalo nezinhlangano ezingenzi nzuzo, abafaka isandla kwabakhahlamezekile. 

Uphinde waveza nokuthi emva kokuduma kwezulu kanjalo nezikhukhula ezindaweni ezehlukene, kuphazamiseke ingqalasizinda kagesi, wahamba.

Ebala izindawo ezikhahlamezekile, uthe yiMpangeni, Mtubatuba, Lundi, Hluhluwe, Hlabisa, Showe, Doornkop, Pomeroy, Vryheid, Edenvale, Appelsbosch kanjalo neWartburg.

“Amathimba akwa-Eskom kanjalo nawomasipala aphansi phezulu azama ukubuyisa ugesi,” kusho uMzila obuye waxwayisa abantu ukuthi imiphakathi iziqaphele izintambo zikagesi owile.

UMphathiswa woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma ohambele endaweni yesigameko, uthe iningi labakhahlamezekile abokufika.

LISALE licekeleke phansi kanje ibhuloho laseMshwathi ngemuva kwezikhukhula zangeSonto ebusuku Isithombe: SITHUNYELWE

Image: SITHUNYELWE

“Ngokusebenzisana neMeya yendawo, uMnuz Mandla Zondi nekhansela lendawo uMnuz Sikhumbuzo Nxumalo kanjalo namathimba ezinhlekelele, sekuqalile ukuqoqwa kolwazi lwalabo abakhahlamezekile. Kungathekiswa ukuthi babalelwa ku-100 abakhahlamezekile baseLesotho,” kusho uDuma. 

Uthe okubuhlungu ukuthi iningi lemijondolo emuke namanzi ibiyakhiwe osebeni lomfula.

“Siyaqhubeka nokunxusa abantu ukuthi bayeke ukwakha eduze nemifula,” kusho uDuma othe sebelithintile ihhovisi likaNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Thembi Simelane, ngenhloso yokuthi kuphuthunyiswe usizo