UMNUZ Enoch Godongwana
Image: Elmond Jiyane / GCIS
KUNGAKAPHELI zinsuku ezingaki kuphothulwe umhlangano wamazwe ayingxenye yeG20 obukuleli, ikomiti lasePhalamende selibhalele uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, lifuna ukwazi ngemali echithwe ngalo mcimbi.
Usihlalo wekomiti elibhekele ukwabiwa kwemali ePhalamende, uDkt Mmusi Maimane, uthe babhalele uGodongwana, befuna incazelo ngokuthi malini esebenzile?
UMaimane ubeke wawubuza lo mbuzo kuqhubeka lo mhlangano kodwa uGodongwana, nabanye ezinkundleni zokuxhumana, bathi akunganakwa ukuthi kusebenze malini ngoba kuzongena imali enkulu ngokubanjwa kwalo mhlangano okokuqala kuleli.
Ekhuluma kwiSAFM izolo, uMaimane, uthe banesibophezelo esiseMthethwenisisekelo, sokuthi babheke indlela kusebenza ngayo imali.
"Kumele sazi ukuthi imali isebenze ngendlela ngoba kuleli kunomkhuba wokuthi kunyuswe amanani ezinto uma kunemicimbi emikhulu. Yingakho sifuna ukwazi ukuthi kugcine kusetshenziswe malini?" usho kanje.
Uthe ekuqaleni konyaka kwavezwa ukuthi kubekwe phakathi kuka-R500 million kuya ku-R600 million, ozosetshenziswa ukusingatha lo mhlangano.
"Sifuna ukwazi ukuthi ngabe izwe likwazile ukusebenzisa isikalo ebesibekiwe. Asifuni kubuye kuthiwe yize kwakubekwe le mali kodwa kugcine sekweqiwa imali yaze yafinyelela ngaphezu kwe-billion," kusho uMaimane.
Ekhuluma nabezindaba kuvalwa umhlangano uGodongwana, uthe akungabhekwa imali esebenzile kepha kugxilwe kwinzuzo eza nalo mhlangano kuleli.
Uthe lo mhlangano wenze okukhulu njengoba uzoheha abatshalimali ngenxa yokuthi bekugatshiswa ngezwe. "Ube yimpumelelo lo mhlangano, ubeke elakuleli ebalazweni lomhlaba. Uzokwenza abatshalimali bafune ukuza kuleli. Akusizakalanga kuphela elakuleli njengoba bekungokokuqala ubanjelwa kulona kodwa uzosiza nezwekazi i-Afrika," kusho uGodongwana.
UGodongwana usanda kumemezela ukuthi kunemali engu-R100 million, ayengeze esabelweni sokulungiselela lo mhlangano.
Ngakwezokuvakasha eGauteng, kuthiwe lo mhlangano ungenise cishe uR1 billion, eGauteng. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuVakasha, uNkk Patricia de Lille, ngesikhathi kuqhubeka lo mhlangano.
"Sisashaya izibalo ukuze sithole into ebambekayo ngemali engeniswe ilo mhlangano kwezokuvakasha kuleli. Sitshengise abavakashi nabebehambele lo mhlangano ngezwe lethu nezinto abangazenza uma bevakashile. Abanye bazoqhubeka bahlale emva komhlangano, kanti abanye basheshe bafika," kusho uNkk De Lille.
Related Topics: