Abe-RTMC beluleka abanikazi bezimoto ngokuqikelela ukuba balungisa izimoto zabo ngaphambi kokwehla baye emaholidini kancibijne
Image: Sigciniwe
I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) inxusa abanikazi bezimoto ukuthi basebenzise amabhonasi abo okuphela konyaka kanye nezinkokhelo zamakilabhu okonga noma izitokofela ukuze balungise izimoto zabo futhi bavuselele amalayisensi ezimoto ngaphambi kohambo lwamaholide.
Njengoba isikhathi samaholidi sisondela ngokushesha abantu abaningi baphothula izinhlelo zabo zohambo. Kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi imoto yakho isesimweni esihle ngaphambi kokushayisa umgwaqo. Lokhu kuhlanganisa ukulungisa noma yiziphi izici okungenzeka azinakwa phakathi nonyaka njengokushintsha amathayi angafanele ukuba semgwaqweni nama-windscreen aphukile, ukulungisa amabhuleki, ukulungisa amalambu nokushintsha ama-wiper.
Lezi yizingxenye ezibalulekile kwezokuphepha ikakhulukazi kubantu abazohamba ngesikhathi lina futhi nesimo sezulu singesihle.
Ngesikhathi samaholidi nyakenye, izimo zezimoto zaba nomthelela ongu-6.9% wezingozi ezadlula nemiphefumulo ezweni, u-65.7% walezi zibangelwa ukuqhuma kwamasondo kanye no-11.4% ngenxa yamabhuleki angasebenzi. Amalambu angakhanyi (okuholele ekutheni izimoto ezisondelayo zingabonakali kahle) abe negalelo elingu-9.5%.
Abanikazi bezimoto bayakhunjuzwa futhi ukuthi baqinisekise ukuthi amalayisensi ezimoto zabo asemthethweni futhi bawavuselele ngaphambi kokuba baqale uhambo lwabo.
Amarekhodi e-RTMC akhombisa ukuthi amalayisensi ezimoto ayi-1 060 382 azophelelwa yisikhathi ekupheleni kukaNovemba. Iningi lalezi zimoto liseGauteng, okuyizi-416 828 sezizonke ezizovuselelwa ekupheleni kwenyanga, kulandele iWestern Cape enamalayisense ezimoto angu-197 797 okumele avuselelwe kanye neKwaZulu-Natal ezizovuselelwa ezingu-143 293.
Ukuvuselelwa kwamalayisensi ezimoto kwezinye izifundazwe kumi kanje: Mpumalanga 66 446, Eastern Cape 63 263, Limpopo 58 551, Free State 47 572, North West 44 871, and Northern Cape 21 763.