Izindaba

Wakhalinywa nayinkosi yesizwe uMbuso Khoza ezibulala

Zimbili Vilakazi|Published

INKOSI uZuzifa Buthelezi

Image: KZN COGTA / Facebook

INKOSI uZuzifa Buthelezi wabamba iqhaza ekutheni iciko, uMbuso Khoza, lingabe lisaqhubeka nomcabango wokuzibulala.

Lokhu kuvele ngoLwesihlanu, eNcome Museum, eNquthu, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wokuqala wokuvuselelwa kwamahubo ayehutshwa uMntwana uMagogo Buthelezi, iMntwana Magogo Musical Amahubo Development.

UButhelezi uveze lokhu, ebonga umbono kaMasipala waseNquthu wokuthi kuvuselelwe lawa amahubo ayehutshwa nguninakhulu ngaphambi kokuba ashone ngo-1984.

Mbuso Khoza

Image: Supplied

Lo masipala ulande uKhoza ngenyanga edlule, ukuba acije kahle ibutho lendawo ngenhloso yokuthi likhiphe uthulamsindo wamahubo.

UButhelezi uveze ukuthi uKhoza wakhuluma naye nokwaba wusizo.

“Wathi uma ekhuluma nami, ngamkhuza kulowo mcabango,” kusho uButhelezi.

Ubuze uKhoza phambi kwezihlwele wathi: “Ngabe senzenjani-ke namhlanje ukube awusekho?”

Umfanise negula, ngolwazi lwakhe lomlando nokuthanda ukuzibandakanya ezintweni ezithinta umlando.

UKhoza wake waluveza udaba lwakhe lokuzama ukuzibulala ekhuluma kwiPodcast kaMacG, lapho aveza khona ukuthi ngo-2018, wayekweleta imenenja yakhe uVusi Zuma imali engango-R300 000.

“Loya muntu wangisiza kakhulu, wayenginika u-R10 000 njalo ngenyanga. Ngathi uma ngibuka iminyaka ihamba, ngabona ukuthi ngimkweleta u-R300 000. Ngazibuza ukuthi ngizoyikhokha kanjani yonke le mali,” kusho uKhoza kwiPodcast. 

Watshela uMacG ukuthi wathi esuka wabe ethenga amaphilisi amaningi emakhemisi ehlukene ukuze kungasolisi.

“Ngabe sengithumela umyalezo endodakazini kaMntwana waKwaPhindangene, kuyena uMntwana, unina wengane yami nabanye abaseduze nami,” kusho uKhoza kwiPodcast.

Echaza, wathi umcabango wokuzibulala wamfikela yize uZuma ayengakaze amfake ingcindezi yokuthi abuyise imali. 

Watshela uMacG ukuthi uyingqwele uma kuziwa ngasekuzameni ukuzibulala, waveza ukuthi cishe usekwenze izikhawu eziyisishiyagalolunye, waveza ukuthi ngeke asho ukuthi sewakunqoba ukucabanga ukuzibulala kodwa kuyinto ahlala ahlale ayichilize uma kwenzeka imfikela.